Umlando ngeSilo sakwaKhethomthandayo , iSilo uBhekuzulu Cyprian Nyangayezizwe ka Solomon Zulu

 

ISilo sakwaKhethomthandayo , iSilo uBhekuzulu  Cyprian Nyangayezizwe ka Solomon ka Dinuzulu kuthiwa sazalwa mhlaka zizine{4} kuNcwaba 1924 , sakhothama mhlaka 17 kuMandulo 1968, sakhothama sineminyaka engamashumi amane nane{44}. Ibutho laso kwabe kunguManukelana {INgangakazane eyanukela izizwe}. ISilo uBhekuzulu sasaziwa kakhulu ngelikaBhusha ka Nayifi , okuyigama laso lobuqhawe.  ISilo uBhekuzulu sizalwa yiSilo sakwaDlamahlahla ,iSilo uSolomon Maphumzana Phumuzuzulu ka Dinuzulu ka Cetshwayo. Unina weSilo uBhusha ka Nayifi iNdlovukazi uNtombembi Christine Sibiya, okaMathathela . INdlovukazi okaMathathela yabe ingomunye woNdlunkulu beSilo sakwaDlamahlahla.  Kuthiwa igama elithi “Bhekuzulu” iSilo sakwaKhethomthandayo salethiwa nguyise , iSilo uSolomon\uMaphumzana\uPhumuzuzulu ka Dinuzulu. Unina yena wathi singuNyangayezizwe Cyprian ngoba ngenkathi unina  ebeletha uMntwana uBhekuzulu wabelithiswa uDokotela omhlophe , ogama lakhe kwakunguCyprian. Wathi uNyangayezizwe ngoba phela lowo Dokotela wabe eyiNyanga yezizwe,eyabe ingaziwa kwaZulu . INdlovukazi uKaMathathela yathi ‘ngibelithiswe inyanga yezizwe uCyprian ‘, esho uDokotela  omhlophe owambelethisa . Aqhamuka kanjalo -ke amagama eSilo sakwaKhethomthandayo, ‘uCyprian Nyangayezizwe’.  UMntwana uNyangayezizwe wayengelona iZibulo kunina okaMathathela , iNdlovukazi okaMathethela yazibula ngoMntwana womfana owasheshe wedlula emhlabeni. Kuthiwa iSilo uSolomon sadabuka kakhulu emoyeni ngokwedlula koMntwana{esengalitholanga igama lakhe} emhlabeni esemncane.

Ukukhothama kweSilo sakwaDlamahlahla:

Uma kukhulunywa ngeSilo sakwaDlamahlahla kusuke kukhulunywa ngeSilo uSolomon Phumuzuzulu Maphumzana ka Dinuzulu . Yisona esizala iSilo sakwaKhethomthandayo iSilo uCyprian Nyangayezizwe Bhekuzulu, sona iSilo sakwaKhethomthamndayo sazala iSilo saseNaleni , iSilo uZwelithini .ISilo sakwaDlamahlahla , iSilo uPhumuzuzulu{Solomon} sakhothama amaZinyane aso esemancane kakhulu , ngaleso sizathu isihlalo sobukhosi sabanjwa uMntwana wakwaSokesimbone  uMntwana uMshiyeni ka Dinuzulu{uBhov’ogqabul’iketango}, owabe elamana neSilo uSolomon , enguyise omncane weSilo uBhekuzulu .Kuthe esekhulile amaZinyane eSilo sakwaDlamahlahla, uMntwana uMshiyeni sekumele akhombe inkosana ezohlala esihlalweni sobukhosi ,  wakhomba uMntwana uThandayiphi ozalwa uNdlunkulu uKaButhelezi waseKushumayeleni.


Umbango wesihlalo sobukhosi.

Kuthiwa ngenkathi iNgonyama yakwaDlamahlahla idunguzela yabhala incwadi , eyayinika uNdlunkulu uKaMathathela . Kuthiwa leyo ncwadi yayiqukethe imininingwane yokuthi ubani {Phakathi kwamadodana ayo}owayezoyilandela esihlalweni sobukhosi uma yona isikhotheme .  Kuthiwa kuleyo ncwadi kwakulotshwe ukuthi “kwakunguMntwana uNyangayezizwe owayezoyilandela”. Ngakolunye uhlangothi abakwaButhelezi bathi ukuba bazizwe izindaba zokukhonjwa kukaMshana wabo njengenkosana bathumela izinkabi ezimbili eNdlunkulu bekhombisa ukubonga . Benza lokhu nje abazi ukuthi iSilo uMaphumzana sashiya sibhale incwadi, kanti futhi kwase kunencwadi ezikoleni eyayithi iNkosana yeSilo sakwaDlamahlahla nguMntwana uNyangayezizwe . Futhi kwakuthi uma intsha yasoSuthu uma iyothatha amaPasi , yayibuzwa ukuthi ubani iNkosi yayo. Yayiphendula ngokuthi uMntwana uNyangayezizwe. UBhusha {uMntwana uNyangayezizwe } wagcina enqume ukuthi alilwele ilungelo lakhe lesihlalo uma ezwa ukuthi kuqokwe uMntwana uThandayiphi njengeNkosana.Kuthiwa kwagcina kuqubuke uMbango phakathi kwaBantwana beNkosi oNyangayezizwe noThandayiphi. Okuhle ngalowo Mbango kwaba wukuthi ‘kwagwemeka ukuchitheka kwegazi, kwazise futhi izwe laseliphethwe amaNgisi, ashesha asungula iKhomishana yawo eyayizophenya ngalo Mbango wobuKhosana’ . Ngakho-ke lo Mbango walelwa eNkantolo yakwaNongoma. AmaNgisi agcina ebeke usuku okwakuzoxazululwa ngalo udaba loMbango waBantwana, khona eNkantolo kwaNongoma.  Kuthiwa uMntwana uNyangeyezizwe wayesekwa ngaBantwana bakwaMandlakazi kulo Mbango, kunguMntwana uMagadavu ka Zibhebhu owayehamba phambili futhi kunguyena owabe ehola abalandeli bakaBhusha. Lo Mbango wanyakazisa ikoMkhulu , isizwe saphinde saqhekeka . Kuthiwa uBhusha wazizwa engaphephile kwaDlamahlahla . Wasuka wayohlala kwaMeva emzini ka Mntwana uMaduna ka Nhlanganiso ka Tokotoko ka Sojiyisa owayebuye aziwe ngelikaPhuthaza. UBhusha wagcina ewudlile umhlanganiso kuloMbango kwazise unina wayephethe incwadi eyaba wubufakazi ubuqanda ikhanda bokuthi kwabe kunguyena ngempela owabe eyiNkosana yeSilo sakwaDlamahlahla. Abanye abantu ababamba iqhaza ekudleni umhlanganiso kukaBhusha uMntwana uMaduna ka Nhlanganiso ka Tokotoko ka Sojiyisa ka Senzangakhona,uMntwana uMsenteli ka Zibhebhu waseNkungwini,  uMntwana uMabhaca ka Makhoba, uMntwana uMkhandane indodakazi yeSilo uDinuzulu , uMntwana uMadalankunzi  ka Zibhebhu, iNduna Mphehlempehle  Mncwango kanye noMntwana uGreta uNason Shamase. UMntwana uThandayiphi yena kuthiwa wayesekwa nguMntwana uMagogo,wayesekwa nangabaseMatheni, wayesakwa nangaBantwana bakwaMinya ababeholwa nguMntwana uMnyayisa ka Ndabuko kanye nabanye abangi aBantwana. UMntwana uBhusha wagcina ewudlile umhlanganiso , wahlala kanjalo esihlalweni sobukhosi bakwaZulu.

Ukubusa kweSilo uNyangayezizwe ka Solomon:

ISilo uNyangayezizwe sabusa kusukela ngowe 1948 kwaze kwaba unyaka esakhothama ngawo , unyaka ka 1968. Ngenkathi sihlala esihlalweni sobukhosi sasuka kwaDlamahlahla sayokwakha isigodlo saso esisha endaweni yakwaMeva phakathi kwabantu baso abaseseka ngenkathi silwela isihlalo sobukhosi. ISilo uBhusha saqamba isigodlo esisha ngokuthi kukwaKhethemthandayo , sisho ngoba uMntwana uMshiyeli wakhetha intandokazi yakhe uMntwana uThandayiphi ngenkathi ekhomba inkosana. ISilo uBhusha kaNayifi saganwa iNdlovukazi uThomo Jezangani ka Thayiza Ndwandwe, owazala iSilo uMdlokombane. Bayavela abakwaNdwandwe ezibongweni zeSilo uMdlokombane uma kuthiwa’uMthunduluka ovuthwe ngeNala , ngowawoThayiza’ . UThayiza lona ovela ezihashweni zeSilo saseNaleni uMkhulu waso  iSilo uMdlokombane , ozala unina . Kuthiwa sasibukeka iSilo sakwaKhethomthandayo, siside silaphaya, sikhanya ngebala, sinentamo ende, nezindebe ezilugqinsi.  Kuthiwa sasiwuthanda umculo futhi siliGagu, sasihola iKhwaya yamadodakazi aso. Leyo Khwaya yayibandakanya iZibulo leSilo uBhusha uMntwana uNonhlanhla, uMntwana uThembi, uMntwana uKhanyisile,uMntwana uNozipho kanye nabanye. UMntwana uNonhlanhla wagana uMakhosana Klasi Mhlangu wakwaNdebele, uMntwana uKhanyisile wakhothama engakagani , uMntwana uThembi wagana kwaNdlovu eMbumbulu, uMntwana uNozipho yena wagana kwaMahlobo. ISilo uBhusha sabutha amabutho aso uKhiphinkunzi noMkhuphulangwenya

Khumu!!

Izibongo zeSilo uNyangayezizwe Bhekuzulu Cyprian ka Solomon:

{Imbongi uMathambo wakwaGwala}

Inkunzi elukhanda lumanzi

YakokaMathathela

Evimbel’uNgenetsheni

Yavalel’uButhelezi,

Kwathiwa ivimbeleni bafana

Ingangeni ekhaya

Ngoba iyoth’ingan’ekhaya

Ifik’izone izithole

INsingizi kaNdaba

Ebanga izul’ukuphendula

UMnguni wakithi

Itshe elehle phezulu

Kubo eNengeni,

Libonwe ngoNdwandwe

Kanye nabaThembu

ONdwandwe bakithi eGudu

Balimomozelela

AbaThembu bakithi eSandleni

Balinkwezela

Ngoba babeshaywa yisazelo

Kwakungeseziqaku lezinkomo zeNkosi

ISilo limaphundu

Yebo simaphumela

Simpondo zingemuva nangaphambili,

Esifana nemvubu

Ngeyakithi oThukela

Ebuk’izinkomo yanyukubala

Yabuk’amadoda yamomotheka

UNondina kabuso

Ubuso badin’abakwabo

Uncwadi zafika kuqala

KuBhengu eMgungundlovu

UNdaba ofela ngezibomvu

Njengegama lomuzi

Wakub’eMgungundlovu

 

Inkosi kayiqedwa!

 

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi ngamakhosi akwaZulu , kanye nangamakhambi akwNtu:

ISilo uBhusha ka Nayifi

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo