Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Dlomo

Umlando ngesibongo sakwaDlomo Abantu bakwaDlomo bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabaNguni.Phela abaNguni bahlukaniswe izigaba ezinhlanu.Kukhona abaMbo Nguni,abaNtungwa Nguni,aMalala noma amaHlenga Nguni,amaDebe Nguni kanye nabaThonga Nguni.Bonke abaNguni baqhamuka enhla nezwe.Ngenkathi befika abakwaD... qhubeka ufunde »

Dube

Umlando ngesibongo sakwaDube  Abantu bakwaDube batholakala eNingizimu yesiswe sakwaMbonambi eduze nolwandle.Phela lezi zizwe zihlobene kakhulu.Indawo yabo enkulu iseduze komfula uMhlathuze, ikakhulu emngeneleni wawo uMhlathuze.Kuthiwa ngesikhathi sokubusa kukaKhushwayo,abantu bakwaDube bazinikezela... qhubeka ufunde »

Dlamuka

Umlando ngesibongo sakwaDlamuka Ngokwezigaba zabaNguni abantu bakwaDlamuka bangabaNguni abangabaNtungwa Nguni.Lokho akubahlobanisi nabakwaKhumalo noma abakwaMabaso . AbaNguni bahlukaniswe izigatshana,kukhona abaNtungwa Nguni,abaNguni baseMbo, aMalala Nguni kanye nezinye izigaba. AbakwaDlamuka bona-k... qhubeka ufunde »

Dlamini{Indlu yaseMakhuzeni}

Umlando ngabakwaDlamini{Indlu yaseMakhuzeni}   Abantu bakwaDlamini bangabaNguni baseMbo ngokwezigaba zabaNguni . Njengokuchaza kwethu ngokwedlule ngenkathi sichaza indlu yenkosi uNyanya, isibongo sakwaDlamini sikhulu kakhulu kangokuthi abantu bakwaDlamini baze baphikane bathi abahlobene,ngenxa ... qhubeka ufunde »

Dlamini-Malandela

AbakwaDlamini-Malandela. Isibongo sakwaDlamini singesinye sezibongo ezinkulu kakhulu kuleli  leNgabade , kanye nakuyo yonke iAfrika esemazansi. Lesi sibongo siyatholakala lapha kwelakwaZulu, siyatholakala eSwazini (okuyilapho sinobukhosi baso obukhulu khona), siyatholalaka naseNingizimu yezwe laseZ... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!