Tsotetsi

Umlando ngesibongo sakwaTsotetsi .

Nina abakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi ! Enhla nasezansi angiyibingelele iNgabade kanye nabeSuthu phezulu eNtabazwe kungumhla weshumi nesithupha kuNhlangulana (16 Juni) onyakeni ka 2023. Nina beSilo ake sibheke umlando ngabantu bakwaTsotetsi.

UPhiri Tsotetsi , umdali webhola owayegijima kuMagebhula.

Indabuko yabo.

Nina beMbube abantu bakwaTsotetsi bangabaTlokwa , imvelaphi yabo iseNtabazwe , eHarrismith. Ikhona ingxenye yabantu bakwaTsotetsi esatholakala khona eNtabazwe  nanamuhla futhi ekhuluma isiZulu , nokho bakhona nabanye abatholakala koFicksburg, Bloemfontein , Qwaqwa nakwezinye izindawo . Laba bantu bakwaTsotetsi bayingxenye yabaTlokwa bakwaMolefe. Babuye babe yingxenye yabaTlokwa bakwaMokotjo, abakwaMasiu, abakwaMakoro , abakwaLekana , abakwaMota kanye nabanye. Ngokomlando obhalwe phansi , kuthiwa bonke abaTlokwa baphuma kuMotlokwa ophuma kubeSuthu abawuhlobo noma ababizwa ngaBakgatla. Akucaci kahle -hle ukuthi uMotlokwa lona wayezalwa ngubani kuBakgatla. Kuyavela ukuthi uMokgatla wazala uLegabo (uKhabo{okusho inkawu})owazala uPogodi . UMotlokwa noma uMotlokoa kuthiwa uphuma esendeni likaPogodi kodwa akuveli ukuthi wayezalwa ngubani. UMolefe yena kuthiwa wabe eyindodana ka Mokhalaka . UMolefe kuthiwa wazala amadodana amaningi kodwa kwagqama kakhulu uMolatodi , uSebidi kanye noSedinyana(okuhumusheka ngokuthi nguSibindi noSibinjana). Kuyevela ukuthi uMolefe wabe eyinkosi enkulu ngezinkathi zakhe. Kuyavela futhi nokuthi nguSebidi owathatha izintambo zesihlalo soBukhosi babaTlokwa ngemuva kokukhothama kwenkosi uMolefe. KukuSebidi -ke lapho kuphuma khona abakwaMolefe , kubuye kuphume nabakwaMokotjo , abakwaMota kanye nabakwaMakoro . Kukhona nomdlali webhola wakwaMokotjo, uKamugelo. Kuzokhumbuleka futhi ukuthi olibeni lwamakhosi akwaMolefe kuphuma inkosi uSekonyela yodumo lwamasongo kaSigonyela , esesaxoxa ngayo kakhulu kule nqolobane INdabuko Yakho. Inkosi uSekonyela yabusa ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane. Kuzokhumbuleka futhi ukuthi khona kwaMolefe kuphuma inkosi uHlubi ka Mota eyagcina isikelwe izwe lakwaNgobese eSinquthu , isekelwa ngamaNgisi ngenhloso yokuzodala iZinxushunxushu KwaZulu. Ngempela yazidala iZinxushunxushu ngoba yaba ngesinye seZimaku zamaNgisi , futhi yalwa ngasohlangothini lwawo eSandlwana. KuSebidinyana kuphuma abakwaMasiu , abakwaLekana kanye nabanye . AbakwaTsotetsi baphuma kuMolatodi, kuthiwa wazala uLepotswe owazala uTsotetsi okwaqanjwa ngaye isibongo. Lena kwabe kungeyona indlu yoBukhosi babaTlokwa. UTsotetsi kuthiwa wazala uLebasa . ULebasa uzala abakwaLebasa . Yena uLebasa wazala uNkahle owazala uTumisi owazala uLeteka , okuchaza iqolo.

Dithoko tsa Tsotetsi:

Motlokoa oa ha Manthatisi,


Motho oa Tsotetsi oa Lebaka,

Motho ea neng a nyele Mokopu,

Ma Mamohato oa Butha Buthe,

Motho oa kubu,

Ke Nare ea tsolo le lefubelu,

Le nng le otle habeli ka har’a kereke,

Le ipatlela ngoana lona,

Ntlenyana,

Selepe,

Mokhesi o hana kererke,

O etelloa pele ke baruti tseleng,

Le uena ka moso batla o tella!

Agge Batlokoa agee !

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo