Incazelo ngoMagwazucaca(uMembeso, uMbeza, Andrachne capensis)

 

Nina abakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu, uTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazana! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba isaphila kungu mhla weshumi nesithupha kuNhlangulana(16Juni) onyakeni ka 2023 . Cha, thina sisaphila kwaKhumalo. Nina beSilo lo muthi osesithombeni ubizwa ngoMagwazucaca igama lawo, ubuye waziwe ngelikaMembeso, noma ngoMbeza, noma ngoMbesa. NgesiXhosa ubizwa ngoMgqwatha. NgesiBhunu waziwa ngelika Baster bliksembos. NgesiNgisi kuthiwa yiDevil’s Bush, noma yiLighting Bush , noma yiMock lightning, yiFalse lightning Bush .Unamagama amaningi esiNgisi lo muthi . Lo muthi uyaluma emehlweni uma uwubambe wase ubamba namehlo,noma amakhala, uyathimulisa uphinde ukhwehlelise, ingakho ubizwa ngeLightning ukusho uNyazi .

Wenzani uMembeso?

Nina beSilo lo  muthi ungena ezindaweni eziningi. Uyasetshenzisa njengeNtelezi, uyasetshenziswa futhi njengomuthi wokwelapha. Ekwelapheni muhle kakhulu kwezokubulala izilo nezikelemu esiswini somuntu kanye nasesilwane. Muhle kakhulu uma ufuye iziNgulube noma iziNkukhu ezikhathazwa izintwala . Ugxoba amacembe maqede uwafake emanzini okwesekhashana, bese uchela noma ugeze imfuyo yakho. Usebenza njengoQadolo. Impande yalo muthi yinhle ekucisheni inhlungu yekhanda elinkenkethayo , iye ishiswe nje njengoBande lwaMandawe , bese kuhogela umuntu onkenkethwa yikhanda. Iyangena futhi naseMibhemisweni yekhanda elibuhlungu. IMpuphu yempande yoMembeso yinhle emanxebeni okushaywa yinyoka, kuthiwa selokhu yaqala ukusetshenziswa ngezikhathi zaseNdulo. ISiphungo sempande yalo muthi sihle ekucisheni inhlungu yesifuba. ISiphungo soMembeso sihle kakhulu nasekucisheni iBhande , phecelezi Shiengles. Kanti impande yalo muthi iyangena ezithakweni zeMibhemiso yesifo sesithuthwane , ukudlikiza. Iyangena nasezimbizeni zakhona. Impande iyangena nakwezamadliso.


Ezintelezini:

Amacembe alo muthi uMembeso kanye nezimpande kusiza kakhulu ekuxosheni izinyoka ekhaya, kufana neShaladilezinyoka, kuyachela ekhaya kuchelele ukuxosha izinyoka. Iphunga lalo muthi izinyoka ziyalizonda. Impande yale Nduku iyangena kwezokuxosha isilwane. Iyangena futhi nakwezokucupha abathakathi , iqhathwa kakhulu noGebeleweni, iLabatheka kanye nezinye iziNduku. Impande yale Nduku iyakwazi ukuvimbela abathakathi ukuba bengangeni ekhaya iyodwa vo , iyashiswa ishunqiswa ekhaya, iba mandla kakhulu uma usuyiqhathe namafutha eGalukuni. Isebenza njengoSelepe obomvu. Impande yalo muthi inamandla wokubulala imithi yabathakathi ,ifana neMboziso kanye noMayibe. Chela ngayo ikhaya uma uzoba nomcimbi, uphinde uchele ngayo uma sewedlulile futhi. Impande yale Nduku iyangena nasezinsizini zamabekelo.

Khumu!!

Niphile nina abaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abazindlu bayikhexa imilomo! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” .

UMembeso

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo