Incazelo ebhalwe phansi ngamaqanda kaXamu⬇️. Nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu🙌🏿 Amaqanda ka Xamu ayisibunge sebhiziniai, athakwa nemithi yokudonsa . Mahle kakhulu kakhulu nasemfuyweni, awuMkhumiso wezinkomo. Enza izinkomo zizale ngendlela exakile. Azehlukani izinkomo ezisetshenzwe ngamaqanda ka Xamu, zidla ndawonye. Abuye angene nasendukwini yesibeletho, kulabo abahlushwa wukungabatholi abantwana. Amaqanda ka Xamu uwathola uma ube nenhlanhla yokubualala uXamu omithi . Noma uwathole eceleni kwesiziba,lapho uXamu osuke uwagqibe khona,uwafukamele. Phela uXamu amaqanda uwafukamela njengeNgwenya,uwagqiba phansi, ebese wona ucambalala phezulu. Kuningi okusebenzayo kuXamu, inhliziyo ingena kwezeSibambelelo, phela kuthiwa uXamu uba noMlingani oyedwa. Uma kwenzeka efa lowo Mlingani bathi uXamu uvele uzihlalele , awuhambi wenza ucansi noXamu abaningi. Bathi neMbulu nayo injalo. Amafutha ka Xamu axosha isilwane, ayabethela nomuzi Khumu! Thola ulwazi oluthe xaxa ngemithi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV 📺
read moreLalela umlando ngeQhawe lakwaSithole, uChakijana ka Gezindaka 👂⬆️