Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Umlando ngoMondisa ka Jobe Mthethwa⬇️

Umlando ngoMondisa/e ka Jobe Mthethwa. Endulo babebabili oMondisa, kwakukhona owakwaSithole ,kwakukhona futhi nowakwaMthethwa. OwakwaMthethwa wabe engenye yamadodana  enkosi uJobe ka Khayi,engumfowabo wenkosi uDingiswayo. UMondisa wakwaSithole wayezalwa inkosi uJobe ka Maphitha Sithole, nguyena owabusa abakwaSithole eQhudeni emuva kokukhothama kwenkosi uJobe . Yena wazala uMatshana ,owabusa abakwaSithole ngesikhathi seSilo uCetshwayo . Inkosi uMatshana ka Mondisa yabamba elikhulu iqhaza empini yaseSandlwana,mhla uZulu wehlula amaNgisi ,mhaka 22 Masingana 1879. UMondisa wakwaMthethwa yena waph... qhubeka ufunde »

Incazelo ngamaqanda ka Xamu

Nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu, uTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! ISikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela!!……ISilo uMpande leso, iSilo sakithi kwaNongwengu..Ngethemba nisaphila nina beZulu eliphezulu. Sisaphila thina kwaSokhumalo Amaqanda ka XAMU: Amaqanda ka Xamu ayiSibunge esihle seBhizinisi.Aye athakwe kwiZibunge zeBhizinisi ,athakwa neminye nemithi yokudonsa . Mahle kakhulu kakhulu nasemfuyweni, awuMkhumiso wezinkomo. Enza izinkomo zizale ngendlela exakile. Azehlukani izinkomo ezisetshenzwe ngamaqanda ka Xamu, zidla ndawonye. Abuye angene naseNdukwini yeNzalo yoMame, oMame  abahlushwa wukungabatholi abantwana. Amaqanda ka Xamu uwathola  uma ube nenhlanhla yokubualala uXamu omithi . Noma uwathole eceleni kwesiziba,lapho uXamu osuke uwagqibe khona,uwafukamele. Phela uXamu amaqanda  uwafukamela njengeNgwenya,uwagqiba phansi, ebese wona ucambalala phezulu. Kuningi okusebenzayo kuXamu, inhliziyo ingena kwezeSibambelelo, phela kuthiwa uXamu uba noMlingani oyedwa,ufana neMbulu. Uma kwenzeka efa lowo Mlingani bathi uXamu uvele uzihlalele , awuhambi wenza ucansi nabanye oXamu abaningi. Bathi neMbulu nayo injalo. Amafutha ka

read more

Incazelo ngesilwane uMpheme 👂⬇️

Lalela incazelo ngesilwane uMpheme 👂⬇️

read more

Incazelo ngeGalukuni 👂⬇️

Lalela incazelo ngenyoni iGalukuni👂⬇️  

read more

Lalela izithakazelo zakwaMdunge⬇️👂

Lalela izithakazelo zakwaMdunge ⬇️👂

read more

Umlando ngoChakijana Sithole 👂⬇️

Lalela umlando ngeQhawe lakwaSithole, uChakijana ka Gezindaka 👂⬆️

Incazelo ngeGalukuni👂⬇️

read more

Leboko la Batlhaping 👂⬇️

Listen to Batlhaping Clan Praises 👂⬇️

read more

Lalela izithakazelo zakwaNdlovu 👂⬇️

Lalela izithakazelo zakwaNdlovu 👂⬇️  

read more

 

error: Akuvumelekile lokho !!