Ividiyo engezansi , nguMntwana uMagogo Constance Sibilile Mantithi Ngangezinye ka Dinuzulu edlala uMkhweyana ,ehuba neHubo lempi yakwaMthashana. Impi yakwaMthashana yalwa ngo1906 ,entatshaneni eyaziwa ngokuthi kukwaMthashana, buqamama nedolobha laseFilidi , eBaqulusini. Lempi yaholwa nguSikhobobo Sibiya, owabe eyiNduna yaseBaqulusini ngesikhathi sokubusa kweSilo sasoSuthu, iSilo uDinuzulu. Ezinhlamvini zeHubo, kukhona ingxenye ethi” Sangena ngomnyama kwaMthashana” . Kuleyo ngxenye uMntwana wahlonipha igama elithi’ngomnyama’,wathi ‘ngompisholo. Wahlonipha inkosi uMnyamana ka Ngqengelele,kwazise phela uMntwana wayegane khona eMashengeni, egane inkosi uMathole, wazala inkosi uMangosuthu . Nansi ividiyo ngezansi⬇️. Buka amanye amvidiyo kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺
read moreINsele isilwane esinenkani kabi, isikhumba saso siqinile futhi sigomekile. INsele ayibulawa wubuthi benyoka. Ngisho noma ingashaywa yinyoka kayifi. Iyazidla izinyoka ,futhi izibulalela yona uqobo. Idla makhekhe ezinyosi , izitapela yona izinyosi. Udonsi lwenyosi alungeni lapho ziyitinyela. INsele kushunqiselwa ngayo ingane yaseMangweni nxa izelwe. Iyangena nokho nakwezinye izibongo. Uma kuzelwe ingane ,leyo ngane iye ishunqiselwe ngezilwane eziyingxube , ngenhloso yokuyiqisa. Buka ividiyo ngezansi , lapho ilwa khona neziNgwe ezintathu. Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺
read moreUMLANDO WETHU : Umhla zili-10 kuMfumfu ngowe-1827 isizwe sezwa iNgonyama uShaka iqhuma phezulu ngelikhulu izwi ikhala ngokungalawuleki nokwalandelwa yisililo kuyo yonke imizi nakuzo zonke izinkalo. Igama lase liphumile ukuthi seyiwile intonga yeLembe, umvikeli walo kusuka lizalwa. Ukuthi iNdlovukazi uNandi uSontanti weNguga ngasekho. ILembe lawisa izinkabi ezingamashumi amane ukuwelisa iNdlovukazi kweleZinyandezulu. Umkhumbi wempi wazungeza lapho iNdlovukazi eyabe ithule khona, kwahutshwa amahubo esizwe nawempi. ElaboHlanga leseka abaseLangeni lizoba yingxenye yesikhumbuzo sokwedlula kweNdlovukazi eminyakeni eyi-195. Senza lokhu nje siyimema ukuba yona nazo zonke iziNdlovukazi zabeNguni kabaphakame bavikele abeNguni, ukuba basishwelezele lapho okungenzeka ukuba siphambuke khona njengemindeni nesizwe. *Kulobe uMnumzana uMtaka, weBayede News (iPhephandaba)
read more