Buka iNsele (Honey Badger) ilwa neziNgwe(Leopards) ezintathu

INsele isilwane esinenkani kabi, isikhumba saso siqinile futhi sigomekile. INsele ayibulawa wubuthi benyoka. Ngisho noma ingashaywa yinyoka kayifi. Iyazidla izinyoka ,futhi izibulalela yona uqobo. Idla makhekhe ezinyosi , izitapela yona izinyosi. Udonsi lwenyosi alungeni lapho ziyitinyela. INsele kushunqiselwa ngayo ingane yaseMangweni nxa izelwe. Iyangena nokho nakwezinye izibongo. Uma kuzelwe ingane ,leyo ngane iye ishunqiselwe ngezilwane eziyingxube , ngenhloso yokuyiqisa. Buka ividiyo ngezansi , lapho ilwa khona neziNgwe ezintathu.

Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo