Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngeNkalankala   (Crab)

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZulwini , uTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela !#ISilo sakithi kwaNodwengu leso ! ISilo uMpande ka Sengangakhona ….. Ngethemba isaphila yonke iNgabade . Nina beSilo lena esesithombeni kuthiwa yiNkalankala ngesiZulu. Lesi isilwane siyisilwane esihlonishwa kwaMazibuko. Ize sekwaba khona nezinye izibongo ezisihloniphayo lesi silwane , kodwa kahle iNkalankala iyisilwane sakwaMazi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNjula   ( African White Pelican)

Nina abeZulu eliphezulu ,nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UZitho zimagwegwe ngokugwegwa abakaYise ! #Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu .Cha, thina sisaphila eMantungweni. ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoKhozi  ( Martial Eagle)

Nina aboKhozi lwakithi lwakithi eMakheni olunzipho zinde zinguMjongolo! Luhlezi laph’eMnduzini, luqaph’imizi yamadoda ukweluka!#Inkosi yakithi eMakheni leyo inkosi uMageba ka Zulu! #Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Sisaphila thina eMantung... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMnenke kanye neGobolondo lawo  (Snail shell \Gastropod shell)

Nina abeMamba yeVuna eyathi ukuvuka yadla abakaYise ! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kuMtholo! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu! #ISilo sakithi oNdini leso! ISilo uCesthwayo ka Mpande... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNkawu  ( Vervet Monkey)

Enhla nasezansi ngiyababingelela abakaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo!! UCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana!! #ISilo sakithi oSuthu leso ! ISilo uDinuzulu kaCetshwayo .  Ngethemba basaphila abe... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSiphikeleli  (African Pygmy Kingfisher)

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’amagawu abebesi! UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe!!#ISilo uShaka les... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoKhathibesonga   (INjambi)

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZulwini ! UTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa  yimihlambi yezinyamazane! UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi eMaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela ! #ISilo uMpande leso.ISilo sak... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNtshe  ( Ostrich )

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa emaZulwini! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! UTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane!#ISilo sakithi kwaNodwengu leso , iSilo uMpande ka Senzangakhona … Enhla ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNkonjane  (Barn Swallow)

Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olusemehlweni amadoda!!#ISilo uShaka leso , iSilo sakithi KwaDukuza.. Nina beSilo le nyoni eniyibonayo kuthiwa yi-Nkonjane igama layo lesiZulu. NgesiLungu kuthiwa yi-Barn Swallow , ziningi nokho izinhlobo zezin... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoManyazini  ( Potassium permanganate )

Nina abakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abeZindlu nabezindlwana abeziNdlu bayikhexa imilomo!!! UCala lathethwa ngoMkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana!! UMagalela agase njengenkosi yamaNtshali ngoba egasele uZibhebhu... qhubeka ufunde »

 

error: Akuvumelekile lokho !!