Incazelo ngoKhathibesonga   (INjambi)

UKhathibesonga\INjambi

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZulwini ! UTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa  yimihlambi yezinyamazane! UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi eMaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela ! #ISilo uMpande leso.ISilo sakithi KwaDukuza ….. Enhla nasezansi ngiyabingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beZulu eliphezulu.. Cha, sisaphila thina eMantungweni..*Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uKhathibesonga igama lawo lesiZulu , ibuye yaziwe ngeleNjambi. Photo credit to Czah Dlamini from Facebook , siyabonga kakhulu Sibalukhulu

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku ingena ezindaweni eziningana. Iyangena le Nduku emithini yokuchitha izitha , izitha ezihlangene ngawe. Kuleyo ndawo iye iqhathwe kakhulu noChithibhunga , uMhlakaza , uSiphahluka , . iKhathazo kanye neminye imithi. Imandla le Nduku nina beSilo , yenza izitha zixabane zodwa kangokuthi zigcina zibulalene,,,, Kusebenza  isigaxa kule Nduku…. Le Nduku iyaphalaza , iyangena , iyancindwa , iyangena futhi nakwiZikhafulo. Iyangena futhi le Nduku kwezokuphindisa , iyingozi kakhulu le Nduku iyazibulala impela izitha ikakhulukazi uma iqhathwe noQeduhlobo . Le Nduku iyangena kwezokuvika , iyangena entelezini echela ikhaya, ukulivikela ezintweni zabathakathi. Isigaxa sale Nduku sibuye sishiswe sibe yinsizi emnyama  ananyekwa emanxebeni. Iyangena le Nduku kwezokucupha iMvukuzane efakwe kumuntu . Kuningi okwenziwa yile Nduku nina beSilo ..


Khumu!

Niphile nina beSilo .Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi …

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo