Incazelo ngeSiphikeleli  (African Pygmy Kingfisher)

ISiphikeleli (African Pygmy Kingfisher)

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’amagawu abebesi! UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe!!#ISilo uShaka leso ! ISilo sakithi KwaDukuza….. Nina beSilo le nyoni eniyibonayo kuthiwa yi-Siphikeleli ngesiZulu. NgesiLungu ibizwa nge African Pygmy Kingfisher.. Le ayiduleki ngeSihlilingi, futhi yedelela kabi . Uma  uyigeja ngeSihlilingi ibaleka ibangana elincane ihlale esihlahleni esiseduze  . Nakhona uphinde uyigeje , ibaleke kancane ihlale esihlahleni esiseduze. Kuyoze kuphele amatshe ulokhu uzama ukuyinemba . *Kuyileso sizathu le nyoni iye ithakwe kwezokugomela iSibhamu.

Ibuye yenzeni le nyoni?

Nina beSilo le nyoni ibuye ibe yinhle eMabuthweni athunywayo . Le nyoni ibuye ibe yinhle nakwezokudonsa . Yinhle naseZikhafulweni . Kungaba ukukhafula isithandwa sakho , noma ukukhafula ingane eseyabhunguka.  Le nyoni iyathakwa nakweminye imithi ikakhulukazi imithi ethunywayo , ithakelwe ukusebenza njengePhakama, ukuphakamisa amandla eminye imithi.. Yenza imithi isheshe, futhi ihambe ifinyelele ngqo lapho esuke ithunywe khona . Ziningi izinhlobo zama-Kingfisher .Kukhona nezinye izinhlobo esingabala kuzo uNongozolo obizwa nge Brown-Hooded Kingfisher , kukhona isiVuba okuwuhlobo olubizwa nge Giant Kingfisher ngesiLungu , kukhona futhi nesiXula okuwuhlobo olubizwa nge Half -Collared Kingfisher…


Khumu!!

Niphile nina beSilo. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu …..

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo