Incazelo ngeNkawu  ( Vervet Monkey)

INkawu (Vervet Monkey)

Enhla nasezansi ngiyababingelela abakaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo!! UCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana!! #ISilo sakithi oSuthu leso ! ISilo uDinuzulu kaCetshwayo .  Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu . Cha, sisaphila thina eMantungweni.
*Nina beSilo nanso-ke iNkawu.INkawu iyisilwane esihlakaniphe kakhulu esingasheshi silibale, futhi kuthiwa siyawabamba amagqubu njengeMfene. Lesi silwane   sihlonishwa ngabaTshwana abazibiza ngaBaKgatla kwazise iNkawu ibizwa ngeKgatla ngoLimi lwesiTshwana . AbaKgatla bayayazisa impela iNkawu kangangokuthi ngisho noma bedansa baze bagebise nezandla zibheke phansi ,belingisa yona iNkawu. AbaKgatla bawuzalo lukaMokgatla owayephila kudala kakhulu. INkawu iyizinhlobonhlobo ezahlukene. Eyalapha eKhaya eAfrika eseMazansi ibizwa ngeVervet Monkey . Ka se Tswana bare ke Kgatla, kapa Kgabo.

Yenzani-ke iNkawu?

INkawu yinhle kwiZigqabo zabeLungu,kwinyamazane ezishinqiswayo. Ubuchopho kwiMibhemiso yengane engakhaliphile eSkoleni. Isandla sesinxele sihle emithini yoNozinti ………………Amathumbu ayo ayathakwa ekwenzeni iziko lemfuyo (izimbuzi) ukuze yande . Zanda kakhulu iziMbuzi ezisetshenzwe ngeNkawuKhumu!


Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo