Incazelo ngoMnenke kanye neGobolondo lawo  (Snail shell \Gastropod shell)

UMnenke (Snail)

Nina abeMamba yeVuna eyathi ukuvuka yadla abakaYise ! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kuMtholo! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu! #ISilo sakithi oNdini leso! ISilo uCesthwayo ka Mpande . Nina beSilo  lesi silwanyana enisibona esithombe kuthiwa uMnenke igama laso. Sibonakala kakhulu ngesikhathi saseHlobo ,uma lina . UMnenke ugabe ngokuzithukusa eGobolondweni lawo lapho uzivikela. Wenzisa okuFudu. AbeLaphi beNdabuko bayasisebenzisa lesi silwane , futhi basisebenzisa ngezindlela ezahlukahlukene..

Lenzani iGobolondo loMnenke?

Nina beSilo iGobolondo loMnenke liye ligaywe libe yimpuphu ngaphambi kokuba lisetshenziswe.  Lingena kakhulu kwezokubopha . Liyangena eNdukwini ebopha umuntu wesifazane ukuze angagangi. Kuye kuthakwe inhlanganisela yemithi engizowagodla amagama ayo , bese ixutshwa ne nsila yalowo Mame osuke eboshwa .Kanti naye uMame uyakwazi ukuyibopha indoda ukuze ingagangi.  Le Mpuphu yeGobolondo lo Mnenke yinhle nasekwelapheni iMfuyo ephethwe yihlo ,noma ngamehlo. Le Mpuphu iye ihlanganiswe noShukela (noma onjani) bese ifakwa kancane nje ehlweni leMfuyo , kungaba elenkomo , noma kube eleimbuzi . IGobolondo lo Mnenke lihle futhi eNdukwini yabesifazane abafuna uMendo. IGobolondo lo Mneke liyangena nakwezokuphindisa , liyabulala alidlali iGobolondo loMnenke , lifana naleNduku ebizwa ngoQeduhlobo .  Balisebenzisa kakhulu uma becupha ithuna , noma uma bendisa aManzamnyama…UMnenke wona uqobo usiza uma ngabe unenkinga yeSifuba noma eyekuphathwa yiPhika. Uye ubiliswe kwenziwe iSiphungo esiphuzwa ngokhezo lokudla , kanye ngoSuku..


Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu..

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo