Incazelo ngeNtshe  ( Ostrich )

IziNtshe

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa emaZulwini! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! UTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane!#ISilo sakithi kwaNodwengu leso , iSilo uMpande ka Senzangakhona … Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo, sisaphila thina eMantungweni. ..Nina beSilo le nyoni eniyibonayo kuthiwa yiNtshe igama layo lesiZulu , ngesiLungu ibizwa ngeOstrich . INtshe ingenye yezinyoni ezingakwazi ukundiza , ezifana noKiwi, iKakapo , amaCassowary kanye nezinye izinyoni . Kuthiwa iNtshe ibeka amaqanda angama 12 kuya kwangama 18 . Likhulu iqanda futhi limnandi kakhulu uma linganzingiwe , lingawenela umndeni wonke . IQhude leNtshe limnyama ngokwombala , iSikhukhukazi sona sinombala oMpunga . Kuthiwa kuthiwa lezi zinyoni ziyashintshana ukufukamela amaQanda aso . Kuthiwa iSikhukhukazi siwafukamela emini , iQhude lona liwafukamela .. Inyama yeNtshe ayikho mnandi nina beSilo , yimbi , imhlophe futhi .. Nokho iyadleka

Yenzani-ke nyoni?

Nina beSilo iqanda le Ntshe liyadliwa futhi limndandi lehla esiphundu.  Libuye libe lihle ekwandiseni iMfuyo , liyathakwa kweziZiko lezinkomo , noma elayiphi iMfuyo.. Iyachuma impela yande iMfuyo esetshenzwe ngeqanda le Ntshe . Lihle futhi nakwiZihlambezo. Ikhanda le Ntshe kanye nonyawo lwayo kungena eMabuthweni kanye nasekudonseni. Amafutha namathambo eNtshe kuhle kakhulu emithini yokubethela . Izinsiba zeNtshe kwenziwa ngazo iZindlukula (IziDlokolo) , kuyahlotshwa ngazo


Khumu!!

Niphile nina beSilo .Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi uluthe thuthu

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo