Incazelo ngeNkonjane  (Barn Swallow)

UMdwebo weNkonjane

Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olusemehlweni amadoda!!#ISilo uShaka leso , iSilo sakithi KwaDukuza.. Nina beSilo le nyoni eniyibonayo kuthiwa yi-Nkonjane igama layo lesiZulu. NgesiLungu kuthiwa yi-Barn Swallow , ziningi nokho izinhlobo zezinyoni ezaziwa ngokuthi ngama-Swallow. Le nyoni ibizwa nge Europese swael ngesiBhunu . NgesiXhosa ibizwa ngoCelizapholo, noma ngoDlihashe . Ka se Sotho bare ke Lekabelane. NgesiShona bayibiza ngeNyeganyenga. Lena kwelakwaNgwane ibizwa ngalo eleNkonjane. Ka se Tswana bare ke Phetla. Ka se Pedi bare ke Peolwane . Lena kwelakwaSoshangane ibizwa ngeNyengha . INkonjane yakhela ngodaka, isidleke sayo isakha ngodaka.Ngokuvamile iye yakhele ngaphansi kwamadwala noma amatshe amakhulu ukuze isidleke sayo sivikeleke uma lina . Kukholelwa ekutheni iNkonjane iyinyoni yeZulu.

Yenzani-ke nyoni ?

Nina beSilo le nyoni yinhle kabi ekubetheleni iZulu. Iyangena ezikhonkwaneni zeZulu. Iye iqhathwe nemithi efana noMnqandane , iMinza , uGebeleweni kanye neminye . INkonjane iyangena futhi eMabuthweni athunywa ukuyolanda , noma ukuyolwa. Iyangena futhi iNkonjani nakwezeBhola. INtelezi yokudla umhlanganiso eBholeni. *KuneZaga ezimbili ezithinta yona iNkonjane . Esokuqala sithi “Inkonjane yakhela ngodaka” , sisho ukuthi “ uma ngabe wenza okuhle kumele abekezele, ngoba  ngelinye ilanga kogcina kulungile.Ngoba nayo iNkonjane ilubeka kancane kancane udaka , ekugcineni kuphume isidleke esihle” ..ISaga esibili sithi “INkonjane iwele enkundleni” Kusuke kubanjwe umuntu oliqili , ebanjiswe yizo zienzo zakhe zobuqili.


Khumu!!

Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ……………..

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo