Incazelo ngoManyazini  ( Potassium permanganate )

UManyazini

Nina abakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abeZindlu nabezindlwana abeziNdlu bayikhexa imilomo!!! UCala lathethwa ngoMkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana!! UMagalela agase njengenkosi yamaNtshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu!! ISilo sakithi oSuthu leso , iSilo uDinuzulu. Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade

UManyazini:

Le Nduku eniyibonayo kuthiwa uManyazini igama layo .Ngilibhalile igama layo lesiLungu..Le Nduku nina beSilo uma uzokwenza ngayo iSiphungo kuye kudingeke ukuba uqinikelele impela ukuthi inhlamvu yayo ayingeni eSiphungweni noma eMbizeni ngoba yangena uyahamba  impela umuntu , noma isilwane esisuke siphuziswa. *Ayithakwa kakhulu le Nduku nina beSilo ngoba iyingozi uma uyithake kakhulu. Le Nduku imandla kakhulu iyawuguqula nombala wamanzi… Le Nduku yinhle kakhulu nina beSilo ekuvimbeni umphezulu ukuba ungashayi ekhaya. Uma kuna izulu elinolaka kuye kuthelwe amanzi eNdishini , bese kuthelwa yona le Nduku kulawo manzi bese ebekwa ngasemnyango wendlu esuke ihleli abantu , noma abekwe ebaleni. Noma kuchelwe ngayo uma lingakani izulu. Le Nduku nina beSilo yinhle nasekuxosheni izinyoka ekhaya, iye ithelwe amanzini ebese kuchelwa igceke uma sekuhlwile. Kanti le Nduku iyakwazi ukwelapha umuntu oshaywe yinyoka engenabo ubuthi ubunamandla . ***Kuye kuthelwe intwana encane yale Nduku(engangoZipho) emanzini alingene -afudumele bese kuyacwengwa kahle ,kusefwe kuqikelelwe ukuba alukho nolulodwa uhlamvu oluyongena,  bese kuphuza umuntu osuke eshaywe yinyoka .Le Nduku nina beSilo yinhle kakhulu ekugezeni amanxeba noma izilonda ezinamagciwane kwazise vele iyiAnti Bacterial . Le Nduku buye ibe yinhle kakhulu ekugezeni impahla yomuntu wesiMame uma igcwala amanzi ngesikhathi senkonzo. Iyayiliqeda futhi  nephunga elingelihle eliqhamuka kuyona impahla kaMame. *Le Nduku ibuye ibe yintelezi . Iyangena eNdukwini ecupha uMame ukuba angalali nabanye abantu besilisa.Le Nduku nina beSilo iyathakwa uma kwakhiwa uVutha,  Iyangena futhi le Nduku kwezeMibhulelo, eziphuzwayo kanye nasezinsini . Iyangena futhi kuyo yonke inhlobo yaMalumbo ngisho nawocansi. Iyangena futhi nakwezoHlangothi phecelezi istroke. Iyangena futhi emfuyweni , iyayelapha imfuyo uma ngabe  igula .Iyelapha ngokuphuziswa imfuyo egulayo.Nakhona kuye kuqinisekiswe impela ukuthi elungeni uhlamvu kuleyo mbiza ezophuziswa imfuyo.Le Nduku yinhle nasekwelapheni izinyawo ezibuhlungu , iye ithelwe emanzini ashisayo , bese kuthotshwa izinyawo ezibuhlungu… *** Nina beSilo uma uzophuza le Nduku awuyithaki kakhulu . Kuye kukhiwe intwana encanyana ifakwe iNgilazini  engaba u400mls ,kuthelwe amanzi afudumele, ebese kuyacwengwa kahle ukuze umuntu angaphuzi nezinhlamvu.Uma sekucwengiwe-ke kube sekuphuza umuntu usuke egula  ,  ohlushwa ubuthakathaka bomzimba


Khumu!!

Niphile nina beSilo . Bakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo