Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoMpikayiboni \Cephalaria humilis:

  Nina abakaGawu bazawuliluma bawuliphimisa bakhumbul’amagawu abebesi! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibakelela! INkomo eyakhal’eMthonjaneni izizwe zonke zayizw’ukulila! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kuwu mhla wamashumi amathathu nanye kuNdasa , onyakeni ka 2023 . Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha , thina eNdinaneni sisaphila. Lo muthi eniwubona esithombeni uyintelezi enkulu engena ezithakweni zezintelezi zokuchela ekhaya ezivimbela imimoya emibi kanye nezinyoka ukuba zingangeni ekhaya. Kuthiwa le ntelezi eNdulo yabe ingeye yezintelezi ez... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMlomomnandi\Liquorice\Glycyrrhiza glabra:

Nina abakaMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele ,uNgalo zimqingo ziyakwazi ukuphatha iSibhamu sinjengezabeSuthu bakoFebane! INgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kuwumhlaka wamashumi amathathu kuNdasa onyakeni ka 2023. Ngethemba bayaph... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMpisi\Phiri\Hyena:

  Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuka naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi, kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma:: Lesi silwane enisibona esithombeni kuthiwa ‘iMpisi’ ngesiZulu. NgesiTswana sibizwa ngokuth... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMnyamathi \uMathunzentaba\Cape Ash\Ekebergia capensis:

  Nina abeNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi , uMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele! UNgalo zimqingo ziyakwazi ukuphath’iSibhamu zinjengezabeSuthu bakoFebane! UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemb... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMpinda\iMpindamshaye\Slangklimop\IMfulwa\Snake climber\Adenia gummifera:

  Nina aboVemvane lukaPhunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiluthinta luyahwaqabala lunjengoPhunga waseBulawini lunjengoVumakubangoma! USingquma khuluma bakuzw’umoya abasezitheni nabasemakhaya! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha, th... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNgwavuma\Anthill-Saffrom\Monomane\Elaeodendron transvaalense:

  Nina bakaMbombosh’omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBuluwayo, uSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha liwugalela ngawo eMankenganeni{kumaBhunu}, uSingquma kakhulumi kanamlomo akafani noDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona lwaqed’umuzi ngokunkenkeza! Enhla n... qhubeka ufunde »

Ukudla kwaseMasimini:

Nina beMbube enamandla ake sibheke ukudla noma izitshalo zasemasimini.Ziningi izilimo ezitshalwa emasimini , iningi lazo zitshalelwe ukudliwa njengokudla kwamihla yonke. Kanti zikhona nokho ezitshalelwa umsebenzi owehlukile , njengokuphisa utshwala . Okunye esingakuphawula wukuthi zikhona izitshalo ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBulawu uMoyawezwe\Gebera piloselloides\Mothuntsetso :

  Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amagawu abebesi! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! Enhla nasezansi  ngiyababingelela abeZulu eliphezulu, ngethemba basaphila abeSilo kuwumhlaka wama... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoChakide\Galerella sanguinea\Slender Mongoose:

Nina abeSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha  liyawugalela ngawo eMankenganeni! UMkhwamude owangisika isilevu , uSungulo olude lwangithunga impumulo! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeSilo kuwumhla wamashumi amabuli nane kuNdasa onyakeni ... qhubeka ufunde »

Umlando ngeSilo sakwaKhethomthandayo , iSilo uBhekuzulu Cyprian Nyangayezizwe ka Solomon Zulu

  ISilo sakwaKhethomthandayo , iSilo uBhekuzulu  Cyprian Nyangayezizwe ka Solomon ka Dinuzulu kuthiwa sazalwa mhlaka zizine{4} kuNcwaba 1924 , sakhothama mhlaka 17 kuMandulo 1968, sakhothama sineminyaka engamashumi amane nane{44}. Ibutho laso kwabe kunguManukelana {INgangakazane eyanukela iziz... qhubeka ufunde »

 

error: Akuvumelekile lokho !!