Incazelo ngoMpikayiboni \Cephalaria humilis:

 

UMpikayiboni

Nina abakaGawu bazawuliluma bawuliphimisa bakhumbul’amagawu abebesi! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibakelela! INkomo eyakhal’eMthonjaneni izizwe zonke zayizw’ukulila!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kuwu mhla wamashumi amathathu nanye kuNdasa , onyakeni ka 2023 . Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha , thina eNdinaneni sisaphila. Lo muthi eniwubona esithombeni uyintelezi enkulu engena ezithakweni zezintelezi zokuchela ekhaya ezivimbela imimoya emibi kanye nezinyoka ukuba zingangeni ekhaya. Kuthiwa le ntelezi eNdulo yabe ingeye yezintelezi ezazihamba phambili ekuqiniseni amaButho . Igama layo lesiZulu kuthiwa uMpikayiboni. NgesiLungu kuthiwa iCephalaria humilis. Kule ntelezi kusebenza isigaxa.

Umsebenzi ka Mpikayiboni:

Ezinsukwini zanamuhla  uMpikayiboni usetshenziswa kakhulu izinsizwa ezingcwekayo , ezidlala iNduku. Zichela ngawo izinduku zazo  , ziwuthaka nemithi efana noMathithibala , uNkungwini, uMpunyu kanye neminye . UMpikayiboni uyangena nasemaBhandeni okulwa. Uyangena nasezinsizini zokuqina. Ungena ezindaweni eziningi. Uyangena nasekugomeleni isiBhamu . Uma kushone umuntu ebulewe, uyangena emithini yokuchupha ithuna. Singasho futhi sithi uwumuthi okuphindisa . Uyakwazi futhi nakuxabanisa izitha zakho, uye uqhathwe noSiphahluka , oKhathazo , oSibhaha kanye neminye imithi , kugunywe , kugezwe kuphalazwe , kukhafulwe izitha zijikelane zodwa  . Uyangena nasekubetheleni igceke. Uyangena naseBhandeni lokuqina. Uyangena kwezokuchupha umthakathi , isilwane njalo njalo . Isigaxa sikaMpikayiboni siye sonyiswe kuqala, bese siqothwa sibe yimpuphu efakwa amanxebeni , amasha namadala, esilwaneni nakubantu.


Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” ubheke izincazele zezinye iziNduku.

Niphile nina abakaQambi lankomo ukuba zilahlekile zihyokufa uMdlebe kwaSoshangane!

 

 

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo