Incazelo ngoZangume (Helichrysum acutatum:)

 

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma!

 

Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha , thina sisaphila kwaKhumalo kuwumhla lulunye kuMbasa onyakeni ka 2023. Nina beSilo ngaphambi kokuba ngiphikelele kwaMai Mai emcimbini we Ndodana uMlabalaba Khumalo , okuwumcimbi wokwethulwa kweCwecwe lakhe Elisha elisihloko sithi ‘Eyan’imizuzu?’, ngithi anginethulele nansi iNduku nina beSilo , kuthiwa uZangume . okuchaza ukuthi ‘awu zange ume, wedlule ngisho bezama ukukuvimba’ . Le Nduku iyintelezi , ingena ezindaweni eziningi.  OSosayensi bayibiza ngeHelichrysum acutatum. Isimila nje esejwayelekile , esimila eNdle.


Wenzani uZangume?

KuleNduku kusebenza impande. Njengoba besengishilo bakwethu le Nduku ingena kwezokuvula , uma kukhona into ekuvimbayo ukuba ubone impumelelo yakho . Gquma ngayo le Nduku , ugeze uphinde uphalaze ngayo . Lena iNduku ekwaziyo ukusebenza iyodwa kodwa ungayipha amandla ngokuyeqhatha nemithi efana noNgwavuma, uVuma omhlophe, iNhlanhlemhlophe , uMusa  kanye neminye imithi , bese uthi chatha iSibhaha kancane , ungasifaki kakhulu ngoba siyababa. Lana ngikhuluma ngokuphalaza. Ifake nasekugezeni uyiqhathe noMhlambamanzi , iSiqunga kanye neminye imithi . Uphinde uqgume futhi nangayo . Le Nduku inhle nasemacaleni , uma uyisebenzise kahle wayithaka noMlomomnandi , oNtuma, oMpunyu , umhlanganiso uwudla emini izwe libuka. Inhle nasemaPhoyiseni , udlula kalula kuwo, uphatha impande yawo emotweni. Isebenza njengeNtuma . Lo muthi uqaqa amafindo , uma usola ukuthi uboshiwe , uboshwe abathakathi , sebenzisa uZangume ziyoqaqeka izinto. Uma uneShibhi elingekho emthethweni chela igceke akukho Phoyisa eliyongena. Le Nduku ivula izindlela , iletha ugazi nenhlanhla, iyangena vele nasemithini yeNhlanhla yokuphalaza . okuyimithi emhlophe. Impande yaleNduku ishiswa emnyango uma liduma ukuvimbela uMphezulu . Iyangena nakwezokuchela igceke ixosha iphinde ivimbe ubuthakathi , ungachela ngayo iyodwa vo. Noma uyiphe amandla ngoyeqhatha noShaladi , uMathithibala, uMayime kanye neminye imithi . Le Nduku iyangena nakuMabutho athunywa okuyokulwa, ayiyiphumi iNqina ka Mabuyaze. Iyakwazi nokuphindisa , baye bathi uma bephalaza ngayo noma begquma baphathe uMmese noma uMkhonto bamane behlaba phansi , besho konke abasuke befuna ukuthi lo muthi ukwenze esitheni. Le Nduku iyangena eZikhafulweni zokulanda, intombi iyalanda ekuseni kubuka izwe. Iyangena futhi nakwezokubethela .

Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu, ngempande.

Niphile nina bakaZulu zizayo khwezani abantwana nhgabadala bodwa abayozibalekela!!

 

UZangume

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo