Nina bakaZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo sakithi oSuthu. Ngethemba nisaphila nina beZulu eliphezulu! Cha, thina sisaphila eMantungweni kuwumhla wesibili kuMbasa onyakeni ka 2023.
Nalo-ke uBangalala nina beSilo . Le Nduku iwumngane omkhulu woDonsi, nayo iwuMvusankunzi, iyakwazi ukusebenza iyodwa njengalo uQonsi. Kusebenza impande. Impande yoBangalala isebenza kahle kakhulu uma igayiwe yaba yimpuphu evuvuzelwa ePhalishini elingenawo ushukela .Noma idliwe ngomhluzi wenyama enganonile. Noma idliwe njengamaCornflakes ekuseni, uyidle ngobisi njengawo amaCornflakes. Le Nduku iqinisa uBhoko lwesisu, yandisa nesidoda. U12 wasemini ushaya seziqalile izimpawu zokusebenza kwayo , uma kuwukuthi uMama ukhona ngaleso sikhathi ungavele uqale umdlalo wabantu abadala. Uma kuwukuthi akekho usekwaNkosana yoMlungu, cha lokho kobe kusho khona ukuthi akuz’ukulalwa nhlobo ngalabo busuku.Le Nduku uBhoko iluqinisa okwetshe futhi insizwa iyephuza nokuchitha. Le Nduku inhle kakhulu nasenzalweni yabesilisa. UBangalala lubuye luchathe nokuchatha. Thatha uBungalala , Amasethole, uQonsi, uMdubu, impande yoMthunduluka, iTshe loMsipha ugxobe ugxobe bese uyakupheka maqede ukucwenge kahle ngeNdwangu yeLinen , ukufake ku2 lithi ubambe iNkomishi eyodwa uma sekupholile, eyodwa ekuseni , eyodwa emini. Uphinde uchathe ngawo lomuthi emini. Uma umfazi ekufebela noma exegelwa yisimilo cha lowo mfazi uyobe unenkinga yokuzalwa. UBangalala alunabo ubungozi , alufani neNtuma noma neSende lenja, noma noMsilawengwe.
Khumu!
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV”uthole olunye ulwazi ngengxabu.
Niphile nina bakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela! USimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZulwini……!
