Incazelo ngoMgogiwezinhlanya\uMazwenda\Dwaba-berry \Dwababessie\Monanthotaxis caffra :

Nina abeSela lintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! uSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya !!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kuwumhla wesibili kuMbasa onyakeni ka2023. Ngethemba basaphila abeSilo, cha thina eMantungweni sisaphila. Nina abeSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMgogiwezinhlanya ngesiZulu. Lo wumuthi ongena kakhulu emfuyweni, uyangena ezikweni le mfuyo ikakhulukazi izinkomo. Kuthiwa wenza izinkomo ziqine, zinothe zizalane zande, zithande nekhaya. Umgoqo wawo uye ubekwe esangweni le zinkomo , unqunyiswe esangweni.Izinkomo ziweqe uma zingena , ziweqe futhi uma ziphuma. Kuthiwa lo muthi wenza izinkomo zithande isibaya, zingalidubi ikhaya, futhi zande. NgesiBhunu lo muthi ubizwa ngeDwababessie. NgesiNgisi kuthiwa iDwaba-berry. Igama lawo le Botanical name kuthiwa iMonanthotaxis caffra. Lo muthi ubuye ubizwe ngoMazwenda ngesiZulu, noma ngeThunganhlanzi. NgesiXhosa ubizwa ngoMkonjane , noma ngeSidwaba.

Eminye imisebenzi yoMgogiwezinhlanya:

Nina beSilo sakithi eNaleni le Nduku uMgogi ibuye ibe yintelezi engena ezithakweni ezithakwa uma kuthakwa intelezi yokuchela ekhaya, kuxoshwe imimoya emibi. UMgogi uyangena nasemithini yokuphalazela ukukhipha isilwane, ukuxosha imimoya emibi , izizwe , ukuvala amaphupho amabi kanye nokunye. Kusebenza impande nina beSilo. UMgogi uyangena emithini yokugqumela nokugeza izinto zabathakathi, isilwane, isichitho, nokunye . Uye uthakwe neminye imithi. UMgogi uyangena eMabuthweni athunywa ukuyolwa. Uye uqhathwe neMpindamshaye , uPhindemuva kanye neminye imithi. Uyangena nasezincwebeni zokuvika izingozi , izibhamu kanye nokunye. Kahle-hle ubuye ube wumuthi wokuphindisa.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo KhumaloTV” uthole olunye ulwazi ngempande.

Niphile nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala!

UMwazwenda


Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo