Umlando ngenkosi uMzilikazi Khumalo,inkosi yaBathwakazi Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo. UMzilikazi ka Mashobana Khumalo ungenye yezinsizwa ezazakhela igama ngesikhathi seziMpi ezaziwa ngoMfecane , lezo zimpi zadlanga kakhulu ngeminyaka yama 1800s. Unina kwakunguNompethu indodakazi yamaNdwandwe inkosi uZwide ka Langa . UNompethu wayelwanywa nguThandile owendela eNgwenyameni uSobhuza , wazala iNgwenyama uMswazi wesibili. Kusuke kushiwo yena uThandile uma kuthiwa kubantu baseSwazini ‘Nina bakaLaZwidze’. UThandile yena welanywa nguFikile , naye owendela eNgwenyameni uSobhuza, yena-ke wazala uMntwana uNdwandwe owabulawa yiNgwenyama uMbandzeni ka Mswazi wesibili ka Sobhuza. Ngesikhathi sokubusa kwenkosi uSenzangakhona kwaZulu uyise ka Mzilikazi inkosi uMashobana yayibusa ingxenye yabantu bakwaKhumalo eyazinze eSikhwebezi kuze kuyoshaya eMkhuze . Imizi yenkosi uMashobana ekhumbulekayo kwakuseNdinaneni , eNsingweni naseNyandeni . Imbongi uMagolwana ka Mkhathini Jiyane iyalithinta igama lomuzi waseNsingweni ezibongweni zeSilo uDingane uma ithi ‘bantu ninemihlolo ngaseNsingweni , gijimani ngazo zonke izindlela,niyobikela abakwaMashobana , nifike nithi lukhulu luyeza luyanyelela’. UMzilikazi wakhulela kwaNdwandwe ngaphansi kweso likayisemkhulu . Impilo yakhe yonke yobunsizwa wayichitha
read moreUmlando ngoMangathi ka Godide Ntuli Kuloba uBongani Kholo Khumalo UMangathi ka Godide wayeyiqhawe likaZulu ngesikhathi sokubusa kweZilo oCetshwayo noDinuzulu. Wayebuthelwe ebuthweni leNdluyengwe, ebuthwa yiSilo uMpande. Ibutho leNdluyengwe lingelinye lamabutho alwa ngobuqhawe eSandlwana ,laliholwa nguMntwana waseZulwini,uDabulamanzi ka Mpande. Lingelinye lamabutho eyeqeshelwe ukusebenzisa izibhamu. Uyise ka Mangathi ,uGodide ka Ndlela wayengesinye sezikhulu zeSilo uCetshwayo. Wasala enkundleni mhla uMntwana uZibhebhu kaMaphitha ehlasela esigodlweni seSilo uCetshwayo sasoNdini,mhlaka 21 Ntulikazi (July)1883. Ziningi izikhulu zikaZulu ezasala kulokho kuhlasela, singabala uVumandaba ka Ntethe Biyela, uMbopha kaHolizibi Hlabisa ,uNobiya ka Sotobe , uDilikana ka Hlakanyana, inkosi uSihayo ka Xhongo Ngobese kanye nabanye. Uyisemkhulu kaMangathi uNdlela ka Sompisi naye wayeyiqhawe likaZulu ngezikhathi zokubusa kweZilo oShaka noDingane. Wayebuthelwe ebuthweni leNtontela , ebuthwa yinkosi uSenzangakhona. UNdlela walwa ngobuqhawe obukhulu ngesikhathi iSilo uShaka sehlula inkosi uZwide ka Langa yabakwaNdwandwe. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane uNdlela waba wuNdunankulu kaZulu, isekela lakhe kwakunguNzobo ka Sobadli Ntombela. Nguyena nesekela lakhe uNzobo ababehola izimpi zeSilo uDingane. Yibona
read more