Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Khomo

Abantu bakwaKhomo balulibo lunye nabakwaSibiya.Uma ubabuza ukuthi bahlangana kanjani nabakwaSibiya uthola izimpendulo ezahlukahlukene.Kodwa bona bayavuma ukuthi bayizihlobo ezingaganiselani nhlobo.Umlando othinta abesibongo sakwaKhomo uqinisa khona impela ukuthi bangabakwaSibiya. Kuthiwa uKhomo lona kwakuyigama lomunye wabanumzane bakwaSibiya. Yena-ke kuthiwa kwathi uma abanye bakwaSibiya bezithoba ngaphansi kombuso weLembe, kwamehlula yena lokho. Wakhukhula njalo nomndeni wakhe esuka ngaseMahlabathini wayozinza eSibubulungu, lapho osekuseThekwini khona manje. Kwathi uma umbuso weLembe ukhula ... qhubeka ufunde »

Shiba

Abantu bakwaShibe kusengabantu bakwaMkhwanazi ,ingakho ezithakazelweni zabo ozothola izithakazelo ezithi Ndonga , Sontuyi  njalo njalo Uma bebuzwa ukuthi wavela kanjani lo Shiba bathi ngenxa yezimpi abantu abakwaShiba babalekela abakwaMngomezulu baya baqonda eSwazini . Sengathi isikhalo sabo es... qhubeka ufunde »

Ximba

Abantu bakwaXimba Mlaba  baphuma kuNyawo . UNyawo wayenamadodana amaningi okwathi uma esekhotheme kwaba nombango,agcina-ke esedube ikhaya.Ngokwezigaba zabeNguni bona bangaBaMbo Nguni yize noma sebegcine kungathi sebengabeSuthu kodwa -ke lokho kwenziwa ukuthi ngesikhathi  sezimpi kunengxeny... qhubeka ufunde »

Mathe

Abantu bakwaNcanana Mathe bangamaThonga Nguni ngokwezigaba zabenguni . Laba bantu bakwaNcanana baqhamuka enhlanezwe .Kodwa lapha sibathola sebezinze eSwazini .Ngaleso sikhathi amaSwazi ayephethwe inkosi uSobhuza wokuqala .Abantu bakwaNcanana babuye babizwe ngokuthi bangabakwaMathe , noma bangaMaphim... qhubeka ufunde »

Mbambo

ABANTU bakwaMbambo ba-phuma kwabakwaMthethwa, okusho ukuthi bangama-Lala-Nguni ngokwesigaba sabeNguni. Baziwa ngoMbambo owabe eyindodana kaJangaza kaJobe kaKhayi wakwaMthethwa. Le ndodana kaJangaza yayizacile, inezimbambo ezihleli obala, yingakho yagcina isibizwa ngoMbambo. Kuthiwa uMbambo lona waye... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!