Lokhu kusolisa ukuthi basebethenga isiko lokugcaba izinhlanga abafika lenziwa yizizwe abazifica kwelaseNingizimu. Mhlawumbe wawusekhona njalo nomqondo wokwedusa umkhondo nje kwazi bani.Okunye okuvelayo ukuthi baziqhelelanisa nabakwaSibiya ngokuzetha izithakazelo ezintsha, bathi sebengoPhambuka. Lokhu kuthinta yona phela indaba yokuphuma kwabakwabo, baphambuka. Baphambuka ngempela ngoba abazithinti ezinye zezithakazelo zakwaSibiya. Bagcina sebehlale banethezeka-ke kwelaseNingizimu. Namanje basebaningi abakwaKhomo kwelaseNingizimu kusuka koMzimkhulu kuze neno ngaseNjobokazi eStoni kuze kuyoshaya eMgababa.Akuyibo bonke abakwaKhomo abangoPhambuka. Abanye bangoZamisa. Labo abendlu kamna kaKhomo, uZamisa. Laba bakaZamisa bazithakasela ngalo igama likaZamisa. Kuthiwa kwaba khona ukuqembukelana phakathi kwalezi zelamani okwadala ukuthi umna[umnawakhe] kaKhomo uZamisa aphume athi qekelele nabantu bakhe, bazibize ngoKhomo onguZamisa. Nokho sekwabuye kwathelelwana amanzi. Kodwa uma uhlangana nabendlu kaZamisa bayakuthokozela uma ukhombisa ukwazi nokubahlonipha ngokubabiza ngokuthi bangoZamisa
Amahubo AkwaSibiya:
Njengezibongo eziningi, abakwaSibiya banawo amahubo abo ahutshwa ngezikhathi ezithile ezibalulekile. Kukhona amahubo omndeni noma ozalo ahutshwa uma kunemicimbi ethinta umndeni, njengodwendwe, umngcwabo, umemulo, njalo njalo.Lapha sizonikeza izibonelo zamahubo amabili nje kuphela esizwe sakwaSibiya.
Ihubo Lokuqala:
Uyayihlaba, uyayidedela,
Ayize nawo
Iza nomkhonto
Ihubo Lesibili
Kumnyama kuleziya ntaba
Ngesaba nokubheka
Kuleziya ntaba.
Siyazi-ke ukuthi le migqa yala mahubo izwakala ithule uma ifundwa nje, ize ibe nesigqi kahle uma selihaywa ihubo, sekuvelaimigqa noma amagama ashiwo oqala ihubo, nokuthi abavumayo bangena kanjani lapho selihaywa ihubo. Yilapho-ke obucacakhona ubugagu babahubi, nesisindo esiqukethwe umoya elihutshwa ngawo ihubo, kuye ngokuthi lihutshwa nje kwenzekeni,kujatshulwe noma kuzothiwe yini
Izithakazelo zakwaKhomo :
Khomo,
Zamisa,
Mbundu,
Mnyende
Yiga,
Nomenco,
Ncamuza kancane abanye bencamuza kakhulu,
Mnyaphane,
Khomo ongathethi othetha ngoba konakele,
Sibiya ngezinkomo abafokazana bebiya ngamahlahla.
Bafo ngeke ngaphikisana nalokhu okushoyo ngezithakazelo nendabuko yakwa KHOMO.kodwa nginolwazi olwahlukile.ngizoqala ngendabuko abantu bakwa KHOMO baqhumuka Lesotho singabasuthu ukuthi sabalekelani angazi.singabesuthu ngikusho lokhu ngenhla yezinye izithakazelo enginazo nolwazi engalutshelwa abadala kunami.khomo usukela kwi sbongo kgomo esicacile nje ngokusobala ukuthi isisuthu lesi.sifike lapha kwazulu sahlukana phakathi abanye ngo nkomo no Khomo.ngenxa yokuhluleka kwa mazulu ukuphimisa kgomo syanda kanjalo ndaba ka Khomo no nkomo.izithakazelo KHOMO,nawane,mbimbi,gogojwane,ncamuza kancane abanye bencamuza kakhulu.iyini inawane? Inawane isiqu sophondo lwenkomo.
Qha mina ngivumelana nombhali umfoka Khumalo, kungenzeka sekunabanye oKhomo abangabeSuthu, kodwa thina impela siphuma kwaSibiya eMahlabathini, futhi sizithakazela sizibize ngoSotobe kugcwale, nami abadala abangandulela bangifundisa kanjalo, asihlobene neze nabakwaNkomo