Abantu bakwaShibe kusengabantu bakwaMkhwanazi ,ingakho ezithakazelweni zabo ozothola izithakazelo ezithi Ndonga , Sontuyi njalo njalo
Uma bebuzwa ukuthi wavela kanjani lo Shiba bathi ngenxa yezimpi abantu abakwaShiba babalekela abakwaMngomezulu baya baqonda eSwazini . Sengathi isikhalo sabo esikhulu kwabe kungubaleka nemfuyo besaba indlala .Babethi uma beshiya imfuyo emuva boshiba[bosheba]ngani .Kuyavela ukuthi nabangapha kwaZulu uma bezithakazela bayakusho ukuthi Ndonga ,Sontuyi ,Mthendeleka ,Ntshobi kodwa ucwaningo luveza ukuthi sengathi bonke laba oNdonga oSontuyi bangale eSwazini kabafikanga lapha kwaZulu akekho lapha uMthendeleka ,uJwabu ,uCoyi ,noSontuyi
Izithakazelo zakwaShiba :
Shiba
Mkwanati,
Nkwaliyenkosi,
Ndonga,
Shamase,
Sontuyi,
Somkhele,
Lele, Khowa,
Mayanda,
Dlebhu wabeswazi ,
Wena owaguy ‘ wamisi ntamo.
Mashukumbeya,
Mthendeleka.
Mtubatuba
Wena owawulobolela amadoda,
Wena owathenga isitimela
Ninemali nina bakhwanazi,
Veyane,
Mpandeyamadoda,
Malobisi