Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Thethwayo

Kubhala uSiyathokoza kaManyelindlela Ndlovu :E-Mpangeni : Isibongo sakwaThethwayo sidabuka kwaNdlovu, oNdlovu bona bedabuka kwelabeSuthu. . , .indaba yaqala emva kwesigameko sikaMacingwane wakwaMchunu sokuthi ahlasele uMpongo indodana kaZingelwayo kaLamula kaGatsheni okunguyena owabe engumholi wabantu bakwaNdlovu ngaleso sikhathi ..uMacingwane wahlasela uMpongo emsola ngokuthakatha ,ekuhlaselweni kukaMpongo kwaphoqa abantu bakwaNdlovu ukuthi bahambe beyobhaca kuZihlandlo kaGcwabe esizweni sakwaMkhize . Ngaleso sikhathi oNdlovu base bedume ngokuthakatha ngoba ngisho nabakwaKhanyile base beke ba... qhubeka ufunde »

Mvuyana

Abantu bakwaMvuyana baphuma kubantu bakwaCele ,lokho kuchaza ukuthi bangaMantungwa angaMalala ngokwezigaba zabaNguni . Ngesikhathi senkosi uDingiswayo yabakwaMthethwa umuntu owayebusa noma ngithi owayehola isizwe sakwaCele kwakunguDubandlela indodana kaMkhokheleli. UDubandlela wakhula waze wangumdod... qhubeka ufunde »

Mdletshe

Abantu bakwaMdletshe baphuma kubantu bakwaMthethwa .Abantu bakwaMthethwa bangamaNtungwa angaMalala ngokwezigaba zabeNguni ,kodwa -ke ngokuhlakazeka kwabo kugcine abanye sebengamaNtungwa-Nguni .Nabo abakwaMdletshe sebengaMantungwa -Nguni ize bezalwa kwaMthethwa . Ukuvela kwesibongo sakwaMdletshe: Isi... qhubeka ufunde »

Dlamini

Abantu bakwaDlamini bahlakazeke izwe lonke lakwaZulu kuze kuyoshaya kwelakwaXhosa, kanye naseZimbabwe imbala. Angisakhulumi ngelakwaNgwane ngoba phela ubukhosi baseSwazini busezandleni zakwaDlamini. AbakwaDlamini babizwa ngokuthi ngaBeNguni baseMbo. Ngendlela abasabalele ngayo abantu bakwaDlamini&nb... qhubeka ufunde »

Mngadi

Ngokudabuka abantu bakwaMngadi bangabozalo lukaMalandela kaLuzumane uyise kaZulu noQwabe . Lokhu kuchaza ukuthi bangaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni . Ngokomlando sithola ukuthi uMalandela eminyakeni yawo-1670 wahamba nabuntu bakhe walibhekisa ngasogwini lolwandle i-Indian Ocean. Wawela imifu... qhubeka ufunde »

Masondo

Abantu bakwaMasondo baphuma kubantu bakwaMthethwa ,okusho ukuthi bangabaNguni abangamaLala njengabo abantu bakwaMthethwa. Abantu bakwaMthethwa baqhamuka enhla nezwe njengabo bonke abeNguni. Isibongo sakwaMthethwa savela ngoMthethwa indodana kaMantiwane waseMbo . UMthethwa yena wazala amadodana amabi... qhubeka ufunde »

Mpanza

Abantu bakwaMpanza baphuma kwaMthethwa, bangamaLala Nguni njengoba sazi ukuthi abantu bakwaMthethwa bayiwona. Sithola ukuthi enye yamadodana kaKhayi yanquma ukushiya yalandela abanye abakubo okunga bakwaMasondo, abaya kwelaseBaqulusini eVryheid. Leyo ndodana yahamba nabanye ngoba kwabe sekudlala ind... qhubeka ufunde »

Zondi

Abantu bakwaZondi bangamaNguni angamaLala ngokwezigaba zabeNguni . Abantu bakwaZondi batholokala kulo lonke leli lakwaZulu Natali nakwezinye izindawo kuleli laseNingizimu Afrika , kanye naseSwazini imbala . Lesi sibongo sinabantu abaningi futhi kunamakhosi abusayo ezabelweni zawo . Esifundeni saseMg... qhubeka ufunde »

Sokhela

Abantu bakwaNzuza bafika kwelakwaZulu bephuma ezweni laseLesuthu . Babehamba bezifunela indawo yokwakha . Kuthiwa inkosi uSenzangakhona , yayifuna ukuqinisa impi yayo ngoba amanye amakhosi afana noPhungashe wakwaButhelezi , oMacingwane waseMachunwini ayehlezi eyinqoba kalula uma elwa nayo . Ngenhlan... qhubeka ufunde »

 

error: Akuvumelekile lokho !!