Masondo

Abantu bakwaMasondo baphuma kubantu bakwaMthethwa ,okusho ukuthi bangabaNguni abangamaLala njengabo abantu bakwaMthethwa. Abantu bakwaMthethwa baqhamuka enhla nezwe njengabo bonke abeNguni. Isibongo sakwaMthethwa savela ngoMthethwa indodana kaMantiwane waseMbo . UMthethwa yena wazala amadodana amabili oSikhumba kanye noMpukunyoni [owazala abakwaMkhwanazi] .Ngesikhathi befika kwelakwaZulu bephuma eNyakatho bafika bazinza ezomfundeni zomfula iMfolozi eMnyama,enhla nayo lapho ihlangana neMfolozi eMhlophe . Bafika lapho bevela eNyakatho endaweni yaseMabhudu[Maputa River]. Bafika bakha phakathi komfula INseleni necweba laseSt.Lucia. Ngaleso sikhathi babeholwa nguXaba kaMadangu kaNkomo. UXaba wazala uKhayi owazala uJobe owazala uGodongwana[Dingiswayo] .
Ekuzinzeni kwabo lapho eNseleni bahlangana nabahlobo babo okucishe basuka endaweni eyodwa eNyakatho, labo ngabantu bakwaMbokazi. Kulabo bantu bakwaMbokazi yilapho uJobe wathola khona amadodana akhe amabili, uTana nomnawakhe uGodongwana(Dingiswayo) UGodongwane wagcina esebusa izwe lakwaMthethwa esenguDingiswayo, esusela ekuzidingiseni kwakhe ebalekela ulaka lukayise, ekufeni komnewabo uTana. Isizwe sakwaMthethwa sadlondlobala ngesikhathi sesibuswa inkosi uDingiswayo kaJobe okuyiyona nkosi eyaqala umkhankaso wokuhlanganisa izizwe. Okwathi lapho isikhotheme lo mkhankaso waqhutshwa inkosi u-Shaka kaSenzangakhona yabakwaZulu.

Isibongo sakwaMasondo saqambeka ngesikhathi behamba njengoba umlando usitshela ukuthi babevela eNyakatho ngesikhathi befika kwelakwaZulu.Ohambweni lwalaba bantu bakwaMthethwa bafika kwenye indawo ,babhunga ,babonisana ngamasu okwakufanele bawenze ukuze baqhube uhambo lwabo ngempumelelo . Elinye iqembu labona amasondo ezinyamazane lazimisela ukuba liwalandele lawo masondo ezinyamazane ,lihambe ngawo lowo mzila ukuze likwazi ukuzingela lezo zinyamazane,lizitholele okuya ngasethunjini . Ngokuzikhethela ukulandela lawo masondo ezinyamazane bathola ukubizwa ngokuthi sebengabakwaMasondo. Ngokunjalo nenzalo yabo yaziwa ngaleso sibongo kuze kube namuhla .


Izibongo ezihlobene nesibongo sakwaMasondo :


-Mthethwa

-Mpanza

-Mavundla

-Nxele

-Msweli

-Mkhize

-Mkhwanazi

-Shange

-Shiba

-Ntshakala

-kanye nezinye

Izibongo zikaDingiswayo kaJobe:

UMafavuke njengedangabane,
USombangeya kaNdaba.
Bamhlaba ngenjongolo usobangwa,
Bambangela amanxeba ukuluphala,
UMadlekezel’inkomo yanganene,
Izothengana nayiph’enenekazi?
Izothengana noMbangambi woVuna eMashobeni.

Umsindo olapha ngowani?
Bahlab’indlovu yakoDelwase.
Ubexaba nduna yakoXaba!
UGodongwane woYengo!

USombangeya kasoz’atshelwa zindaba,
Uyatshelw’izindaba, ugijimel’ehawini.

Impunz’evuke nomkhonto.
Ugodo alushi ngokubaselwa.
UNyawoth’omnyama,
UNokufukuthwayo.
Ungqwashi obomvu wawoHhamuyana
Omaba’azinze sengath’abekiwe.
Izulu likaPhiko libaneka kanjani?
Lenzani elikaSombangeya kaPhiko?
LikaSombangeya kaJobe?
UQayambeya!
Inqamb’eyahlu’amakhos’amanye,
EbinjengoSongodo esahlul’uMalusi.
Usahlul’amakhos’asohlangeni.
Uye wavunula kwaMahlaba,
Ezinkumbini zamanzi.

Uzinto zakhe zomuka namanzi.
Izulu lidume futhi Gwabi kaNdaba,
Indlikula zamaNtungwa zimukile.
Lidum’eNhlangwini kubaThembu.
AbaThembu bakhweza,
Bakhweza baya ngoJama kaMnisi.
Ngithe ngisadl’ezinye
Ngabuye ngadl’ezinye.
Izinkomo zabantu zinenkelenkele.
Zikhungel’ingob’emashobeni.
Ilanga limdondoza.
Elaphuma amakhwezi abikelana.
NakwaNtombazi nakwaLanga…


Ibinda !

Isitha sikaDingiswayo esikhulu kwakunguZwide kaLanga wakwaNdwandwe, kangangokuthi waze waphelela elawini likaNtombazi unina kaZwide,lapho amakhanda amakhosi ayehlobisa khona.. Wafa nje kalula ebulawa ubuqili bukaZwde.


Izithakazelo zakwa-Masondo:

Nyambose,
Mthethwa,
Dingiswayo,
Donga dilika,
Mathangana amahle afanele ukwenziwa,
Nina enalandela amasondo ezinyamazane,
Nina eniphuza amanzi emichachazweni!
Khubaze
Maviyane
Masondo ,Nkonyane yenkosi
Mahlamba ngobisi abanye behlamba ngamanzi
Hlangalwezwe!
Sihlahla sonyezane esehlula abaweli
Godongwana woYengo !


Ibinda !

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo