Abantu bakwaMasondo baphuma kubantu bakwaMthethwa ,okusho ukuthi bangabaNguni abangamaLala njengabo abantu bakwaMthethwa. Abantu bakwaMthethwa baqhamuka enhla nezwe njengabo bonke abeNguni. Isibongo sakwaMthethwa savela ngoMthethwa indodana kaMantiwane waseMbo . UMthethwa yena wazala amadodana amabili oSikhumba kanye noMpukunyoni [owazala abakwaMkhwanazi] .Ngesikhathi befika kwelakwaZulu bephuma eNyakatho bafika bazinza ezomfundeni zomfula iMfolozi eMnyama,enhla nayo lapho ihlangana neMfolozi eMhlophe . Bafika lapho bevela eNyakatho endaweni yaseMabhudu[Maputa River]. Bafika bakha phakathi komfula INseleni necweba laseSt.Lucia. Ngaleso sikhathi babeholwa nguXaba kaMadangu kaNkomo. UXaba wazala uKhayi owazala uJobe owazala uGodongwana[Dingiswayo] .
Ekuzinzeni kwabo lapho eNseleni bahlangana nabahlobo babo okucishe basuka endaweni eyodwa eNyakatho, labo ngabantu bakwaMbokazi. Kulabo bantu bakwaMbokazi yilapho uJobe wathola khona amadodana akhe amabili, uTana nomnawakhe uGodongwana(Dingiswayo) UGodongwane wagcina esebusa izwe lakwaMthethwa esenguDingiswayo, esusela ekuzidingiseni kwakhe ebalekela ulaka lukayise, ekufeni komnewabo uTana. Isizwe sakwaMthethwa sadlondlobala ngesikhathi sesibuswa inkosi uDingiswayo kaJobe okuyiyona nkosi eyaqala umkhankaso wokuhlanganisa izizwe. Okwathi lapho isikhotheme lo mkhankaso waqhutshwa inkosi u-Shaka kaSenzangakhona yabakwaZulu.
Isibongo sakwaMasondo saqambeka ngesikhathi behamba njengoba umlando usitshela ukuthi babevela eNyakatho ngesikhathi befika kwelakwaZulu.Ohambweni lwalaba bantu bakwaMthethwa bafika kwenye indawo ,babhunga ,babonisana ngamasu okwakufanele bawenze ukuze baqhube uhambo lwabo ngempumelelo . Elinye iqembu labona amasondo ezinyamazane lazimisela ukuba liwalandele lawo masondo ezinyamazane ,lihambe ngawo lowo mzila ukuze likwazi ukuzingela lezo zinyamazane,lizitholele okuya ngasethunjini . Ngokuzikhethela ukulandela lawo masondo ezinyamazane bathola ukubizwa ngokuthi sebengabakwaMasondo. Ngokunjalo nenzalo yabo yaziwa ngaleso sibongo kuze kube namuhla .
Izibongo ezihlobene nesibongo sakwaMasondo :
-Mthethwa
-Mpanza
-Mavundla
-Nxele
-Msweli
-Mkhize
-Mkhwanazi
-Shange
-Shiba
-Ntshakala
-kanye nezinye
Izibongo zikaDingiswayo kaJobe:
UMafavuke njengedangabane,
USombangeya kaNdaba.
Bamhlaba ngenjongolo usobangwa,
Bambangela amanxeba ukuluphala,
UMadlekezel’inkomo yanganene,
Izothengana nayiph’enenekazi?
Izothengana noMbangambi woVuna eMashobeni.
Umsindo olapha ngowani?
Bahlab’indlovu yakoDelwase.
Ubexaba nduna yakoXaba!
UGodongwane woYengo!
USombangeya kasoz’atshelwa zindaba,
Uyatshelw’izindaba, ugijimel’ehawini.
Impunz’evuke nomkhonto.
Ugodo alushi ngokubaselwa.
UNyawoth’omnyama,
UNokufukuthwayo.
Ungqwashi obomvu wawoHhamuyana
Omaba’azinze sengath’abekiwe.
Izulu likaPhiko libaneka kanjani?
Lenzani elikaSombangeya kaPhiko?
LikaSombangeya kaJobe?
UQayambeya!
Inqamb’eyahlu’amakhos’amanye,
EbinjengoSongodo esahlul’uMalusi.
Usahlul’amakhos’asohlangeni.
Uye wavunula kwaMahlaba,
Ezinkumbini zamanzi.
Uzinto zakhe zomuka namanzi.
Izulu lidume futhi Gwabi kaNdaba,
Indlikula zamaNtungwa zimukile.
Lidum’eNhlangwini kubaThembu.
AbaThembu bakhweza,
Bakhweza baya ngoJama kaMnisi.
Ngithe ngisadl’ezinye
Ngabuye ngadl’ezinye.
Izinkomo zabantu zinenkelenkele.
Zikhungel’ingob’emashobeni.
Ilanga limdondoza.
Elaphuma amakhwezi abikelana.
NakwaNtombazi nakwaLanga…
Ibinda !
Isitha sikaDingiswayo esikhulu kwakunguZwide kaLanga wakwaNdwandwe, kangangokuthi waze waphelela elawini likaNtombazi unina kaZwide,lapho amakhanda amakhosi ayehlobisa khona.. Wafa nje kalula ebulawa ubuqili bukaZwde.
Izithakazelo zakwa-Masondo:
Nyambose,
Mthethwa,
Dingiswayo,
Donga dilika,
Mathangana amahle afanele ukwenziwa,
Nina enalandela amasondo ezinyamazane,
Nina eniphuza amanzi emichachazweni!
Khubaze
Maviyane
Masondo ,Nkonyane yenkosi
Mahlamba ngobisi abanye behlamba ngamanzi
Hlangalwezwe!
Sihlahla sonyezane esehlula abaweli
Godongwana woYengo !
Ibinda !
Mina angisazi esam isibonga ngazi esakubo ka mama ongizalayo mhlampe nam ngingakuthola ukusizakala
Ngyabingelela mina ngifisa ukwazi imvelaphi ngesbongo sakwa Mavundla ngyabonga
Siyabonga ngokuzwa umlando omuhle kangaka. Ngokocwaningo esaluthola kubantu abadala nabo ababelunikwe ngabadala kunabo asebalala kobandayo, uma besilandisa ngowo ngomlando wesizwe sakwaMthethwa bathi umlando walesi isizwe sakwaMthethwa usuka eNkosini enkulu yakwaMthethwa iNkosi uMgebeyezana. INkosi uMgebeyezana ukuBusa kwayo kuthiwa yayiBusa enhla neNkabazwe lapho lapho isizwe sakwaMthethwa esidabuka khona. INkosi uMgebeyezana yazala iNkosi uDoseya, emvakoku khothama kweNkosi uMgebeyezana uBukhosi uDoseya bathathwa yiNkosi uDoseya. INkosi uDoseya yazala iNkosi uSibiside, emvakoku khothama kweNkosi uDoseya uBukhosi bathathwa yiNkosi uSibiside. INkosi uSibiside yazala iNkosi uNjanya, emvakoku khothama kweNkosi uSibiside uBukhosi bathathwa yiNkosi uNjanya. INkosi uNjanya yazala iNkosi uMnguni, emvakoku khothama kweNkosi uNjanya uBukhosi bathathwa yiNkosi uMnguni. INkosi uMnguni yazala iNkosi uMakhasa, emvakoku khothama kweNkosi uMnguni uBukhosi bathathwa yiNkosi uMakhasa. INkosi uMakhasa yazala iNkosi uKhubazi, emvakoku khothama kweNkosi uMakhasa uBukhosi bathathwa yiNkosi uKhubazi. INkosi uKhubazi yazala iNkosi uNyambose, emvakoku khothama kweNkosi uKhubazi uBukhosi bathathwa yiNkosi uNyambose. INkosi uNyambose yazala iNkosi uMthethwa, uMpanza, uNxele, uMasondo nabanye. Emvakoku khothama kweNkosi uNyambose uBukhosi bathathwa yiNkosi uMthethwa, okuyiyona iNkosi eyaduma kakhulu kulesi isizwe sakwaMthethwa nokwenza lesi isizwe sakwaMthethwa ukuthi sigcine sesibizwa ngayo. INkosi uMthethwa yazala iNkosi uSimamawengwe, emvakoku khothama kweNkosi uMthethwa uBukhosi bathathwa yiNkosi uSimamawengwe. INkosi uSimamawengwe yazala iNkosi uMbekane, emvakoku khothama kweNkosi uSimamawengwe uBukhosi bathathwa yiNkosi uMbekane. INkosi uMbekane yazala iNkosi uLushaba, emvakoku khothama kweNkosi uMbekane uBukhosi bathathwa yiNkosi uLushaba. INkosi uLushaba yazala iNkosi uNdunakazi, emvakoku khothama kweNkosi uLushaba uBukhosi bathathwa yiNkosi uNdinakazi. INkosi uNdunakazi yazala iNkosi uXaba, emvakoku khothama kweNkosi uNdunakazi uBukhosi bathathwa yiNkosi uXaba. INkosi uXaba yazala iNkosi uMadagu, emvakoku khothama kweNkosi uXaba uBukhosi bathathwa yiNkosi uMadagu. INkosi uMadagu yiyo-ke iNkosi Lena eyasuka nalesi isizwe sakwaMthethwa enhla neNkabazwe lapho lesi isizwe sakwaMthethwa esidabuka khona yanqamula naso phakathi eMabhudu naseZambia, ilibhekise eNyakatho nezwe lakwaZulu. Noma ingazange ihlale nasikhathi esingakanani iNkosi uMadagu nalesi isizwe sakwaMthethwa eNyakatho nezwe lakwaZulu, yahamba naso yayogudla ulwandle, yingakho uma bethakazelwa kuthiwa Mavela! Nina enavela ezansi esibhakabhakeni solwandle, sedlula iST Lucia Bay, sayowela iMfolozi eMnyama neMfolozi eMhlophe. Yingakho uma bethakazelwa kuthiwa, nina abeMfolozi eMnyama iNkethabaweli nabayiwelayo bayayiqongelela. sahamba njalo saze sayowela umfula iNseleni silibhekise khona lapha kwesakwa Mthethwa eMbangweni. Kulapho-ke okwagcina sekuse Mpangeni, ngokuthi abeLungu behlulwa ukuhumusha leligama laseMbangweni. Kulapho-ke esithola khona ukuthi ngenkathi isifikile iNkosi uMadagu nalesi isizwe sakwaMthethwa khona lapha kwesakwa Mthethwa eMbangweni, isizwe sakwaMthethwa sehlukana phakathi abanye baqhubeka nokuhlala neNkosi uMadagu khona lapha kwesakwa Mthethwa eMbangweni, kanti abanye baqhubeka basabalala nezwe lonke. INkosi njengoba abanye nje beseMalawi, abanye bese Zambia, abanye bese Mozambique, abanye beseZimbabwe, abanye bese Limpopo Province, abanye bese Baqulusini eGodeni, abanye bese Mpumalanga Province eNyakatho nezwe lakwaZulu, abanye bekwaMadabukela ePitie Ritief, abanye beseGingindlovu, abanye beseNyukhasela, abanye beseGauteng, nakwezinye izindawo engingasakwazanga ukuzibala. Kodwa bonke bayuzalo lweNkosi enkulu yakwaMthethwa iNkosi uMgebeyezana. INkosi uMadagu khona lapha kwesakwa Mthethwa eMbangweni ifike yazala khona iNkosi uKhayi, emvakoku khothama kweNkosi uMadagu uBukhosi bathathwa yiNkosi uKhayi, iNkosi uKhayi yazala iNkosi uJobe, maningi-ke namanye amadodana eNkosi uKhayi ngaphandle kweNkosi uJobe. NjengeNkosi uMavela Mmbikwana kaKhayi, yiNkosi uShangane kaKhayi namanye. Kodwa emvakoku khothama kweNkosi uKhayi eNdlunkulu uBukhosi bathathwa yiNkosi uJobe. Ngesikhathi sokuBusa kweNkosi uJobe eNdlunkulu yakwaMthethwa, eKhohlwa kwakuBusa iNkosi iNkosi uShangane. KuyiQadi kuBusa iNkosi uMavela Mmbikwana. Emvakoku khothama kweNkosi uJobe eNdlunkulu uBukhosi bathathwa yiNkosi uMawewe, nakuba ingazange iBuse nasikhathi esingakanani yakhothama ibulawa yiNkosi uDingiswayo, ( uGodongwane woYengo ). emvakoku khothama kweNkosi uMawewe uBukhosi bathathwa yiNkosi uDingiswayo. Emvakoku khothama kweNkosi uShangane eKhohlwa uBukhosi bathathwa yiNkosi uMmbiya kaShangane. Ngesikhathi sokuBusa kweNkosi uDingiswayo eNdlunkulu, eKhohlwa kwakuBusa iNkosi uMmbiya kaShangane. INkosi uDingiswayo yayiganwe ziNdlovukazi ezimbili, iNdlovukazi yayo yokuqala kwakuyi Ndlovukazi yakwaNxumalo, eyayingu dadewabo weNkosi uMalusi kaMkhatshwa wesibili. iNdlovukazi yesibili kwakuyiNdlovukazi uNtombazana yakwaNdwandwe okuyiyona eyaba yisisulu sokuba igcine isiya kwaGoqanyawo. Kanti noYise weNkosi uDingiswayo iNkosi uJobe nayo yayiganwe ziNdlovukazi ezimbili iNdlovukazi yayo yokuqala yiNdlovukazi uMabhamba kaShiya kaDonda yakwaMbokazi, iNdlovukazi yayo yesibili yiNdlovukazi yakwaNxumalo eyayingu dadewabo weNkosi uMalusi kaMkhatshwa wesibili. ENdlovukazini yakwaMbokazi yazala kuyo uMntwana uTana, uMntwana uTana welanywa yiNkosi uDingiswayo, iNkosi uDingiswayo yelanywa nguMntwana uDingiwe, uMntwana uDingiwe wazokwelanywa nguMntwana uNomathuli. Nguye-ke uMntwana uNomathuli eyendelaeNkosini uMalusi kaMkhatshwa yakwaNxumalo. eKhohlwa iNkosi uJobe yazala iNkosi uMawewe iyizala kuyiNdlovukazi yakwaNxumalo. INkosi uMawewe yelanywa yiNkosi uMondise, iNkosi uMondise yaba neshwa ngoba yathi uma isiBusa lapha eBukhosini bakwaMthethwa eNdlunkulu yabhuqabhuqa zonke izikhulu ezazibekwe yiNkosi uDingiswayo kaJobe yagcina ibulewe yiNgonyama uShaka kaSenzangakhona. INkosi uMondise yelanywa nguMntwana uMnyaka nabanye. Emvakoku khothama kweNkosi uDingiswayo eNdlunkulu uBukhosi bathathwa yiNkosi uMondise. Emvakoku khothama kweNkosi uMondise yagcina ifike iNdlunkulu yoBukhosi bakwaMthethwa. Kwaqhwakela indlu yoBukhosi bakwaMthethwa eKhohlwa okuyindlu yeNkosi uShangane. Njengoba bese ngishilo-ke ukuthi IliNkosi uShangane yazala iNkosi uMmbiya, iNkosi uMmbiya yaganwa yiNdlovukazi yakwaMhlongo eLangeni cishe yazala kuyo iNkosi uMnyandeya, iNkosi uMnyandeya yaganwa yiNdlovukazi uNomqotho yakwaZulu, okwakuyi Nkosazane yeNgonyama uSenzangakhona. Yazala kuyo iNkosi uSokwentshatha. Yaphinde yaganwa khona lapha eNdlunkulu yoBukhosi bukaZulu. Yazala nje kakhulu. Emvakoku khothama kweNkosi uMnyandeya uBukhosi bathathwa yiNkosi uSokwentshatha. INkosi uSokwentshatha iganiwe nje nayo kakhulu, noma ngingeke ngisagxila kakhulu kwezinye iziNdlovukazi zayo kodwa ngizogxila ENdlovukazini yakwaMkhwanazi khona lapha eBukhosini bakwaMkhwanazi yazala kuyo iNkosi uMhlana. Emvakoku khothama kweNkosi uSokwentshatha uBukhosi bathathwa yiNkosi uMhlana. INkosi uMhlana yazala iNkosi uMbude Jakobe noNkosi uNtembayabathethwa Nkosiyomuntu, emvakoku khothama kweNkosi uMhlana uBukhosi bathathwa yiNkosi uMbude Jakobe. Emvakoku khothama kweNkosi uMbude Jakobe uBukhosi bathathwa ngumfowabo iNkosi uNtembayabathethwa. Emvakoku khothama kweNkosi uNtembayabathethwa uBukhosi babanjwa yiNkosi uMbusowabathethwa Vini, nakuba ingazange iBuse nasikhathi esingakanani yakhothama uBukhosi babanjwa nguMntaneNkosi uMntutumba kaBhalela osesihlalweni njengamanje. Kanti INkosi uMavela Mmbikwana kaKhayi Yona yazala iNkosi uSiwangu, uSiwangu yena lo owayeJutshwe yiNkosi uDingiswayo beneNduna yeNkosi uDingiswayo uNgomane kaMqomboli Mdletshe eyagcina isinguNdunankulu kaZulu ngesikhathi sokuBusa kweNgonyama uShaka kaSenzangakhona neButho leZichwe okwakuyi Butho leNkosi uDingiswayo ukuba bephelekezele iNgonyama uShaka ngenkathi isuka kwaMthethwa iyothatha uBukhosi kwaZulu. Yagcina ingabuyelanga Kubo emuva kwaMthethwa yangena eButhweni leZimpohlo okwakuyi Butho leNgonyama uShaka kaSenzangakhona. Ukuqala kwayo ukwakha iNkosi uSiwangu kuthiwa yakha ngaphesheya kweNkunzane, yathutha lapho yayokwa oBivane. Yagcina isiyiNduna eBaqulusini igade uMntwana uMkabayi kaJama. Ngokuziphatha kahle kwayo yagcina isisikelwa udeda ngendlale wendawo khona lapha eBaqulusini yase yakha isiGodlo sayo yasiqanba ngokuthi kuse Godeni, yingakho nje kunobunye uBukhosi bakwaMthethwa iBuse Baqulusini eGodeni. INkosi uSiwangu yazala khona iNkosi uDukuzana, emvakoku khothama kweNkosi uSiwangu uBukhosi bathathwa yiNkosi uDukuzana. INkosi uDukuzana yazala iNkosi uMthakathi, emvakoku khothama kweNkosi uDukuzana uBukhosi bathathwa yiNkosi uMthakathi. Noma ngingeke ngisayibala yonke indlu yoBukhosi bakwaMthethwa eseGodeni ngenxa yesikhathi. Lendlu yoBukhosi bakwaMthethwa eseGodeni yiyo ezala lendlu yoBukhosi bakwaMthethwa eseMkhondo eMpumalanga Province eNyakatho nezwe lakwaZulu. Lendlu yoBukhosi bakwaMthethwa eseMkhondo yona bese izozala lendlu yoBukhosi bakwaMthethwa obukaMadabukela ePitie Ritief. Kodwa oBukhosi obukhulu bakwaMthethwa yilobu obuseMpangeni.
The Kings / Chiefs of Mthethwa Paramount.
1. King Mgebeyezana 1400, 2. King Doseya kaMgebeyezana 3. King Sibiside kaDoseya, 4. King Njanya kaSibiside, 5. King Mnguni kaNjanya, 6. King Makhasa kaMnguni, 7. King Khubazi kaMakhasa, 8. King Nyambose kaKhubazi, 9. King Mthethwa kaNyambose, 10. King Simamawengwe, 11. King Mbekane.
kaSimamawengwe, 12. King Lushaba kaMbekane, 13. King Ndunakazi kaLushaba, 14. King Xaba kaNdunakazi, 15. King Madagu kaXaba, 16. King Khayi kaMadagu, 17. King Jobe kaKhayi, 18. King Mawewe kaJobe, 19. King Dingiswayo kaJobe, 20. King Mondise kaJobe,
Chiefs of Mthethwa
1. INkosi uShangane kaKhayi, 2. INkosi uMmbiya kaShangane, 3. INkosi uMnyandeya kaMmbiya, 4. INkosi uSokwentshatha.
kaMnyandeya, 5. INkosi uMhlana.
kaSokwentshatha, 6. INkosi uMbude Jakobe.
kaMhlana, 7. INkosi uNtemba kaMhlana, 8. uMbusowabathethwa Vini
kaNtemba, 9. UMntaneNkosi uMtutumba
osesihlalweni njengamanje
khona lapha kwesakwa
Mthethwa.
Lesi isizwe sakwaMthethwa Mthethwa uma besilandisa abantu abadala bathi siyisizwe esikhulu nje kakhulu, ebesinesithunzi, sihlonishwa nje kakhulu ngenkathi kusaBusa laMakhosi angaphanbilini. Yingakho nje uma kukhulekwa khona lapha kwaMthethwa kuthiwe ‘ Nkonyane yenkosi, Hlangalezwe.’ Ngoba aMakhosi alesi isizwe sakwaMthethwa ayehlonishwa nje kakhulu ngesikhathi esiphambilini. Ngaleso sikhathi lesi isizwe sakwaMthethwa sasisazimele ngokwaso, kanti ngaleso sikhathi iNgonyama uShaka yayingakazihlanganisi zonke lezi izizwe ezingaphansi kwezwe kazi laseAfrika, ukube yakhe ngazo loMbusokazi omkhulu kangaka okungu Mbuso kaZulu. UHlangalezwe-ke yiNkosi enkulu eyengamele onke aMakhosi jikelele, njengeNgonyama nje yamaZulu uma kukhulekwa kuyo kuthiwa Hlangalezwe noma Hlangalomhlabathi ngoba uHlangalezwe noHlangalomhlabathi yinto eyodwa. Noma bengenalo ulwazi olunzulu ngeNkosi enkulu yakwaMthethwa iNkosi uMgebeyezana okuyiyona iNkosi eyinzalabantu yalesi isizwe sakwaMthethwa ukuthi kambe yona yayizalwa ngubani, kodwa iNkosi abaqala ukuzwa ngayo abantu abadala yiNkosi uMgebeyezana.
Bengcela ningipha umlando ngesbongo sakwa Zwane