Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoSondela (uSondelangange)

Nina abaka Zulu liyazayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! Inkomo eyakhala eMthonanjeni izizwe zonke zayizwa ukulila!!#ISilo sakithi kwaDukuza leso ,iSilo uShaka ka Senzangakhona….Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. ***Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uSondelangange igama layo, idume kakhulu ngelikaSondela ..Ibuye ibizwe ngoBobo.. Wenzani uSondela? Nina beSilo uSondela uyasondeza njengoba negama nalo lizisho. Kusebenza impande kule Nduku. Inamandla kakhulu kwezokusonde... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSithwalambiza (The Praying Mantis)

Enhla nasezansi ngiyababingelela abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma ! #ISilo sakithi KwaDukuza leso, iSilo uShaka ka Senzangakhona . ISithwalambiza : Nina beSilo lesi silwanyana enisibonayo sibizwa ngeSithwalambiz... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBhubhubhu  (Helinus integrifolius)

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi , iGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde , kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela !! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu!! #Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeSilo, sisaphila thina eMantungw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMfinyezi  (Pill bug \Roly poly)

Nina abakaNgelengele kalingani nantaba ngoba mkhulu ungangeZwe lakhe! UngangoMphehlela noMaqhwakazi !! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijyeze abasini beNgoma! INgqayingqayi ka Phunga noMageba engiyibuke ngaze ngayojwayela! #ISilo sakithi KwaDukuza leso, iSilo uShaka ka Senzangakhona . Enhla nasezansi ng... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNyengelezi  (African striped Weasel)

Nina abeNkonyane ka Ndaba eyakhula beyizonda njengesiXhumu seNyamazane, uTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! UMandasithebeni lo onjengeNsonyama! #ISilo sakithi kwaNodwengu leso, iSilo uMpande ka Senzangakhona. Enhla nasezansi ngethemba basap... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoChakide

Nina abeSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha  liyawugalela ngawo eMankenganeni! UMkhwamude owangisika isilevu , uSungulo olude lwangithunga impumulo! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeSilo kuwumhla wamashumi amabuli nane kuNdasa onyakeni ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSikhanyiso (iGwayana)

Nina abeSilo sakithi oSuthu uDlothovu kabhekeki ufana nemisebe yeLanga! USilwanankunzimbili!UMagalela agase njengenkosi yaMansthali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu.  INkosi yeNsizwa! UCala lathethwa ngoMkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! Enhla nasezansi angiyibingelel... qhubeka ufunde »

Isende lenja (Cucumis africanus)

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade. Ngethemba isaphila. Cha , thina sisaphila kwaKhumalo .Isende lenja  umuthi cishe esiwaziyo sonke . Isimila esimila kuzo zonke nje izindawo , ezindawe... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoZamlandela  (Mothballs)

Nina abakaLanga lisehlule madoda sesingaMavikithi! INkayishana enkulu ka Menzi ephuza uMlaza ngameva!#ISilo sakithi kwaDlamahlahla leso, iSilo uSolomon ka Dinuzulu ka Cetshwayo . Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu. Ngethemba basaphila abeSilo. Lezigaqana zamabholana enizibonayo zibi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoZililo   (Huernia hystix)

Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini!! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni , yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! INzima ewukwena koMkhumbane , khona kwena kungafakwa lunyawo!! #ISilo sakithi eMg... qhubeka ufunde »

 

error: Akuvumelekile lokho !!