Incazelo ngeNyengelezi  (African striped Weasel)

INyengelezi

Nina abeNkonyane ka Ndaba eyakhula beyizonda njengesiXhumu seNyamazane, uTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! UMandasithebeni lo onjengeNsonyama! #ISilo sakithi kwaNodwengu leso, iSilo uMpande ka Senzangakhona. Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeMbube enamandla. Lesi silwane enisibonayo kuthiwa yiNyengelezi ngesiZulu, ngesiLungu sibizwa ngeAfrican striped Weasel.**Akulona iQaqa leli nina beSilo , futhi akuyona iNsele. Lesi yisilwane esingabonakali kalula kanti futhi   akukho kulula ukuba usibambe , iPhisi uma kwenzekile lasibamba kusuke kuwuCilo ozishaye eNdukwini. Kanti kwesinye isikhathi kuyenzeka uthi ususibambile impela  waze wasibulala sivuke sishaye sikhukhule sikhale semuke. Kuyileso sizathu -ke lesi silwane singena kakhulu kwezoPhunyuka.

 

Yenzani iNyengelezi ?


Amafutha eNyengelezi awumuthi omkhulu wokunyamalala . Ayathakwa kwiZigqabo zokunyamala, imithini yoPhunyuka yokuvika amaPhoyhisa .Mahle futhi nasemithini yezitha. Umuntu osetshenzwe ngeNyengelezi angabonakala manje , kuthiwe sawubona Siphecelengwane, kodwa kuyothi sekufika labo abasuke bemfuna ikakhulukazi amaPhoyisa neZitha  uyobe esenyamalele, kuyothiwa ”uSiphecelengwane ubekade elana , ubekade elana” phinde abonwe futhi . Kwesinye isikhathi udlula nakwiZivimbamgwaqo ezisuke sitshalelwe yena impela , adlule impela kunjalo . Amafutha eNyengelezi aye athakwe nempande yeNtuma, ekaMpunyu, ekaDlulabehlezi, ekaMpikayiboni kanye nezinye izinduku, kuphume enye into engakaze ibonwe. Amfutha eNyengelezi ayangena nasemithini egomela iSibhamu. Ayangena futhi nakwezokudonsa umnotho , kwiZibunge zeBhizinisi. Ake ngime lapho nina bakaMashikizela shiye impi yakhe , iNdudumo yakithi eMgungundlovu inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe.#ISilo sakithi eMgungundlovu leso, iSilo uDingane ka Senzangakhona..

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Baphile abakaMdayi sabela kwephesheya uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala eMizileni

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo