Incazelo ngeMfinyezi  (Pill bug \Roly poly)

IMFINYEZI

Nina abakaNgelengele kalingani nantaba ngoba mkhulu ungangeZwe lakhe! UngangoMphehlela noMaqhwakazi !! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijyeze abasini beNgoma! INgqayingqayi ka Phunga noMageba engiyibuke ngaze ngayojwayela! #ISilo sakithi KwaDukuza leso, iSilo uShaka ka Senzangakhona . Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Ngethemba nisaphila nina beZulu eliphezulu. ***Nina beSilo le Nunu eniyibona esithombeni kuthiwa yi-Mfinyezi igama layo, itholaka kakhulu ngesikhathi saseHlobo . IMfinyezi itholakala kakhulu endaweni enethunzi , ngaphansi kwezihlahla. Iyakwazi ukumba ingene ngaphansi kwenhlabathi , noma izishutheke ngaphansi kwemfucuza. ***Kunenkolelo ethi uma iMfinyezi igwinywe umfana onenkinga yokushobinga uma elele ngisho esemdala kuyaphela ukushobinga. *IMfinyezi iye izivikele ngokuzigoqa ifinyele (contract) uma ithukile.

Yenzani iMfinyezi kwezaMakhathakhatha ?

 

Nina beSilo iMfinyezi yinhle kakhulu eziNdukwini zokwelapha isifo soHlangothi , phecelezi Stroke. Ingene kakhulu ezinsini zeStroke . Iyangena futhi ezinsizini zokwelapha umuntu ohlushwa yi-Nkwantshu. **IMfinyezi kuye kube kancane kakhulu ukuba isale eNdukwini yokukhiya umuntu wesifazane oshadile onenkinga yokuxegelwa yi-Similo. Iye igiye neziNduku ezifana neMbune , uMqala woFudu, uMnyundu kanye nezinye .IMfinyezi iyayiwisa iNduku yeShende ,ifinyela ibuyele ngaphakathi lugcine lungenzekanga uCansi ..IMfinyezi iyangena futhi nakwezokugomela isibhamu. Ifana neNkakha, kuzokhumbuleka phela  ukuthi iNkakha ibuye ibizwe ngeMfinyezi enkulu.

Khumu!!

Niphile nina beSilo. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo