Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini!! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni , yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! INzima ewukwena koMkhumbane , khona kwena kungafakwa lunyawo!! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso, iSilo uDingane ka Senzangakhona. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. *Le Nduku eniyibonayo nina beSilo kuthiwa uZililo igama layo .Abanye bayibiza ngoNozililo.UZililo useMndenini yemiHlonhlo.. Le Nduku ingenye yeziNduku ezihamba phambili kwezokuphindisa..
Wenzani uZililo
Njengoba besengishilo nina beSilo , le Nduku yinhle kakhulu kwezokuphindisa. Kuleyo ndawo iye igiye kakhulu neziNduku ezifana neMpindamshaye , uMhlakaza (iSindiyandiya\uNdiyaza) ,uChithibhunga(iSinwazi)kanye nezinye iziNduku. Nina beSilo le Nduku ayisali uma kucushwa ithuna , ikakhulukazi elomuntu oshone ngokugwazwa noma ngokudutshulwa. Le Nduku ibuye ingene kakhulu kwezokuphindisa aManzamnyama.. Le Nduku ibuye ingene entelezini echela ikhaya , intelezi exosha izinto zabakhunkuli. Iyangena le Nduku kwezokubethela ikhaya , nakwezokucupha umthakathi. Le Nduku iyangena kwiZikhafulo zokubuyisa isithandwa ikakhulukazi iSoka elabaleka lashiya intombi nengane. Yenza iSoka lihlale lizwa ukukhala kwengane yalo elayishiya. UZililo uyiNduku ekwenza konke , uyaphalaza , uyagquma , uyageza uyangena futhi kwezincindwayo.
Khumu!
Niphile nina beSilo. Thola olunye ulwazu kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV