Incazelo ngoKotapeya   (Persea Americana \Avocado)

Nina abeZulu eladuma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! UHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UGwalagwala lika Menzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela!##ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande .

UKotapeya .

Nina beSilo loShuni eniwubonayo kuthiwa uKotapeya igama lawo, uShuni esiwaziyo sonke kodwa bambalwa kakhulu abalwaziyo usizo lwawo emzimbeni womuntu. UKotapeya isithelo esithelwa yisihlahla soMkotapeya . Lo Shuni nina beSilo uyisithelo(fruit) uyadliwa futhi unoMsoco . UnamaVitamin  esingabala kuwo  uVitamin C owelekelela ekupholiseni izilonda ngaphakathi nangaphandle, sibale uVitamin E owehlisa amafutha , sibale uVitamin K otholakala kakhulu kwiMfino okuwuhlobo lweVitamin oluqinisa amaSosha omzimba lulwe futhi  nezifo ezingaMahlalakhona. Lesi sithelo sibuye sibe noVitamin B6 okuwuhlobo lweVitamin evuselela izitho zomzimba ezingasasebenzi kahle esingabala kuzo amehlo, izitho zangasese , imizwa yocansi kanye nokunye . Lo Shuni uyasiza futhi nasekugayeni ukudla esiswini wenza umuntu asheshe avakashele iNdlu encane. Muhle futhi nasekugezeni isikhumba .UKotapeya muhle kakhulu ngoba ungawugcoba naseSinkweni uma uthanda. INhlamvu ka Kotapeya yinhle kakhulu kubantu asebafelwa yimizwa yoCansi. Iye igaywe yenziwe iMpuphu eyothelwa iSpoom esisodwa  eNkomishini bese kuthelwa amanzi ashisayo kwenziwe iTiye elisiza kakhulu ukuvula nokuvuselela imizwa yoCansi engasebenzi. Amacembe oMkotapeya aye agxotshwe bese kuthelwa amanzi ashisayo kwenziwe iSiphungo eselekelela kakhulu ukwehlisa uMfutho wegazi ophezulu (High Blood Pressure), amandla kaShukela kanye neHlungwane (acid) emzimbeni womuntu. Lesi Siphungo sibuye selekelele nasekugezeni amaPhaphu , siyelekela futhi  nasekuvuleni ukucinana kwemigudu yokuphefula , ngakho-ke sihle kakhulu kumuntu okhathazwa yi-Asthma. Amacembe oMkotapeya mahle naseziMbuzini , ziyawathanda futhi ziba zinhle kakhulu iziMbuzi ezidla amacembe oMkotapeya..

Khumu!!

Niphile nina beSilo . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo