Incazelo ngoZamlandela  (Mothballs)

UZAMLANDELA (Mothballs)

UZamlandela (Mothballs)

Nina abakaLanga lisehlule madoda sesingaMavikithi.INkayishana enkulu ka Menzi ephuza uMlaza ngameva.ISilo sakithi kwaDlamahlahla leso, iSilo uSolomon ka Dinuzulu ka Cetshwayo.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu.Ngethemba basaphila abeSilo. Lezigaqana zamabholana enizibonayo zibizwa ngoZamlandela.NgesiLungu zibizwa ngamaMothballs.Ukhona nokho omunye uZamlandela nina beSilo uwuBulawu,obuye usetshenziswe ngamaSoka.Nina beSilo lolu hlobo lukaZamlandela alulokothwa lufakwe emlonyeni ngoba luyingozi kabi,lunoShevu obangela uMdlavuza.Lolu hlobo lukaZamlandela lunePhunga elinamandla kakhulu nina beSilo kangangokuthi ungagcina unkenkethwa yiKhanda ngenxa yalelo Phunga. Sakhula oGogo bethu besebenzisa lolu hlobo lukaZamlandela njengaMakha ezimpahla.Babelufaka ezimpahleni zabo ukuze zinuke kamnandi.

Lwenzani-ke lolu hlobo lukaZamlandela

Nina beSilo lolu hlobo lukaZamlandela lungena kakhulu eNdukwini yokugqumela ukususa iSichitho noma iSilwane.Leyo Nduku isuke ithakwe iziNduku ezifana noMsuzwane,iShaladilezinyoka,uMvuthuza kanye nezinye iziNduku.Lolu hlobo lukaZamlandela lubuye lungene naseNdukwini echela ikhaya,iNduku exosha izinto zabakhunkuli.Lolu hlobo lukaZamlandela luyangena nakwiSimonyo sothando ,luyangena nakwiZibunge zokudonsa.Lolu hlobo lukaZamlandela luhle nasekugezeni amabhadi,ngalokho-ke luyangena kwezenhlanhla.  Ukuba khona endlini kwesigaqa sikaZamlandela kuvimba amagundane ukuba angene endlini,ngisho nawabathakathi imbala.Lolu hlobo lukaZamlandela kubuye kuchelwe ngalo ikhaya elixakwe yizinyoka.

Khumu!

Niphile nina beSilo.Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo