Nina abeSilo sakithi oSuthu uDlothovu kabhekeki ufana nemisebe yeLanga! USilwanankunzimbili!UMagalela agase njengenkosi yaMansthali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu. INkosi yeNsizwa! UCala lathethwa ngoMkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! Enhla nasezansi angiyibingelele iNgabade .. Ngethemba nisaphila nina beSilo..
ISikhanyiso \iGwayana.
Nina beSilo lale Nduku kuthiwa yiSikhanyiso ngesiZulu , ibuye yaziwe ngeGwayana.Le Nduku nina beSilo yinhle kakhulu kwezokukhanyisa , kuyileso sizathu ibuye ibizwe ngeSikhanyiso . Iyayivula inhlanhla le Nduku , iyazivula izindlela le Nduku, kanti iyawacacisa futhi namaphupho . Le Nduku iwuBulawu nina beSilo , isetshenziswa kakhulu nangoThwasa uma besavivinywa ePhehlweni.Iyangena eGobongweni labo, iyangena futhi nakwiMibhemiso yabo . Le Nduku iyangena eGobongweni elimhlophe le Dlozi, iyangena nasemithini yokubuyisa noma yokugeza iDlozi ebekade lithwetshuliwe, iyangena nasemithini emhlophe edliwa uma kugezwa aManzamnyma. NaMasoka ayikhonzile le Nduku ,, ayithwele ngeQoma , ayithaka kwezoBusoka esingabala kuzo iNhlanhlemhlophe , uZeneke, uBhubhubhu, uFoshela kanye nezinye . Le Nduku iyangena kuyo yonke indawo , iyaphalaza , iyageza , iyagquma kanti iyakhafula futhi. INduku yokukhanyisa izindlela lena.Yinhle futhi nalapha emaphusheni. Umuntu odla le Nduku akawalibali amaphupho. Kusebenza izimpande kule Nduku. Ngaphandle kokungena eZinkambeni zeDlozi, le Nduku ibuye ingene ezintelezini nakuMabutho olkuwla , ilwa kakhulu le Nduku, ivamise ukuqhathwa noMngane wayo iNsinda . INsinda nayo iyalwa phela hhayi kancane, ngisazobuye ngiyichaze. Le Nduku iGwayana iyangena eMabuthweni athunywa ukuyohlasela , kanye nathunywa ukuyolanda. Iyangena futhi nakwezokuchela iziNduku zokungcweka, iyangena eMabhandeni njalo njalo. Le Nduku yiinhle nakwezokuFesa umsebenzi. Iyangena futhi nakwezeNhlanhla.
Niphile nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijeyeze abasini beNgoma! Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV” .
