Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoDakwa ( Dioscorea dregeana)

Incazelo ngoDakwa  ( Dioscorea dregeana) Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda.UMashikizela ashiye impi yakhe.ISilo sakithi eMgungundlovu leso,iSilo uDingane.Ngethemba nisaphila nina beSilo UDakwa (INgcolo)  Nina beSilo le nduku eniyibonayo kuthiwa uDakwa igama layo.Kuye kusebenze isigaxa kule nduku.Siye sonyiswe ngaphambi kokuba sisetshenziswe,sinamanzi amaningi.Muhle uDakwa kwezokuvika izitha,muhle nakwezamaPhoyisa.Muhle nakwezamacala.Muhle uDakwa kwezokukhipha isilwane.Muhle kwezokucupha ... qhubeka ufunde »

IKlwa (iJozi)

IKlwa  (iJozi) Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi.UHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya.Inkomo eyakhala  eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.Ngethemba basaphila abeSilo.Ake sixoxe kancane ngohlobo lomkhonto olubizwa ngokuthi yiKlwa,olubuy... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSibhubhu (uVulandlela,uNdlelazimhlophe)

Incazelo ngeSibhubhu  (uVulandlela,uNdlelazimhlophe) Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye,ngimbuke kuze kwehle izinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe!IGwija likaMdlaka ligwegwe lijeyeze abasini bengoma.UNomakhwelo iNgonyama uhlanya olusemehlweni amadoda.Enhla na... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!