Incazelo ngeSibhubhu (uVulandlela,uNdlelazimhlophe)

ISibhubhu (uVulandlela,uNdlelazimhlophe).

Incazelo ngeSibhubhu  (uVulandlela,uNdlelazimhlophe)

Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye,ngimbuke kuze kwehle izinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe!IGwija likaMdlaka ligwegwe lijeyeze abasini bengoma.UNomakhwelo iNgonyama uhlanya olusemehlweni amadoda.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo,ngethemba basaphila.

ISibhubhu

Nina beSilo esithombeni iSibhubhu,sibuye saziwe ngoVulandlela,noma ngoNdlelazimhlophe.Impande yale nduku yinhle kakhulu ekuqaqeni impilo eboshwe ngabasokoso.Iye ingene kwezokuphalaza,kwezokugeza kanye nakwezokugquma.Inamandla impela kangangokuthi iyakwazi nokubhula ihawu iyodwa uma ugqume ngayo uma uzoyofuna umsebenzi noma uma uzoya kwiInterview.Iyazikhanyisa impela izindlela le nduku ingakho ibuye ibizwe ngoVulandlela noma ngoNdlelazimhlophe.Ekuqaqeni impilo eboshiwe iye igiye nezinduku ezifana noMavulakuvaliwe,uMaguqu,uMusa,kanye nezinye kwenziwe induku yokuphalaza,okuyinduku ephinde igqume futhi iphinde igeze.Yinhle le nduku nasendukwini yamasoka yokweshela.Ayikhonzele amasoka.Impande yale nduku iyangena nakwezogeza idlozi eliphenduliwe.Iyangena nakwezaManzamnyama.Iyangena nakwezokukhuphula iSithunywa.

Khumu! 

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo