Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

UDumbasibumbu/uDumba ka Sibumbu/Lithop Plants

Nina beNdiha lebabayo enjengeSibhaha ,sona simababa kuMahashanga. *UDumbasibumbu/uDumba ka Sibumbu/Lithop Plants Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade. Esithombeni nina beSilo wumuthi omkhulu wamasoka ,uDumbasibumbu, noma uDumba ka Sibumbu . NgesiLungu kuthiwa i-Lithop Plants ,noma Lithop Stones. Lo muthi amasoka awukhonze kabi. Wenza izinto zenzeke. Bayawugxoba , uma sebewugxobile bayeweneka uze wome. Bawusebenzisa uma bezoyobonana nentombi noma izintombi abasuke bezigaqele. Bathatha umqotho walo muthi uDumba, bawuhlanganise namafutha eMvubu yensikazi esencane noma aweNdlovu yensika... qhubeka ufunde »

Izithakazelo ezifanayo \Amagama afanayo

Izithakazelo ezifanayo\Amagama afanayo Ukufana kwamagama abantu akuyona into eqala manje , kuyinto ekade yaqala , eyaqala endulo . Abantu abaningi bayadideka olibweni lakwabo ngenxa yokufana kwamagama. Umuntu ugcina esezihlobanise nesibongo angahlobene nhlobo naso . Kubalulekile ukwazi  amagama oKh... qhubeka ufunde »

Imizi yamakhosi akwaKhumalo

Imizi yamakhosi akwaKhumalo: Imizi yenkosi uMashobana kwakuseNsingweni, eNyandeni kanye naseNdinaneni Yonke le mizi yayakhelwe eMkhuze. Omakhalelwane benkosi uMashobana kwakungabakwaNxumalo ababakhe ngasentatshaneni iTshaneni. ENdinaneni kwakukwabo Mzilikazi . Inkosi uMashobana yayizele kakhulu amadodakazi , esingabala kuwo oNtanase ;Ngiyalila,Nozipholo,Nozinhlwathi nabanye. Yebo nezinsizwa zazikhona kodwa kwalwande kakhulu izintombi. ENsingweni kwakukwabo Mdleleni owagcina engukhokho wabakwaNyawose. Inkosi uMashobana yayizalwa inkosi uZikode kaMkhatshwa. Yona-ke yazala uMzilikazi owawugqamisa kakhulu umlando waMantungwa .   Umuzi wenkosi uBheje kwakuseTsheni likaBheje. Lo muzi wawakhe endaweni yaseNgome. Inkosi uBheje yayizalwa inkosi uMagawozi kaZikode umfowabo Mashobana kaZikode. Inkosana yenkosi uZikode kwakunguGasa kaZikode owazala uMagugu , uDonda noSiwela. USiwela ungukhokho waMantungwa akwaNdlangamandla.  Umuzi wenkosi uDonda kwakuseZizibeni. Lo muzi wakwakhe ngaphezu komfula iSikhwebezi . Kusuke kushiwo wona lo muzi uma kuthiwa kumuntu wakwaKhumalo ‘Donda weZiziba’. UDonda wayazalwa nguGasa njengoba besengishilo. Yena wazala uMaqandela. Umuntu owawwugqamisa kakhulu umlando waMantungwa kulendlu kaDonda nguMahlangeni kaGawozi Khumalo owabe eyimbongi yeSilo uCetshwayo kaMpande. UMahlangeni wasala empini yaseMsebe ngowe 1883 empini

read more

Nkuna

Abantu bakwaNkuna baphuma kubantu bakwaKhumalo .  Isizwe sakwaKhumalo ngesikhathi seNkosi uDingiswayo sasakhe eBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika koNondweni. Inkosi uMagugu ka Gasa eyayibusa abakwaKhumalo ngaleso sikhathi .  Kuhambe kwahamba kwagcina kudaleke obunye ubukhosi ngoba oMashobana ka... qhubeka ufunde »

Ntshembeni

Abantu bakwaNtshembeni kusengabantu bakwaKhumalo . Ngakho-ke nabo bawela esigabeni saMaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni . Babuye babe ngaMantungwa ngokobuzwe , bakanye nabo abakwaKhumalo , abakwaMabaso , abakwaNyawose , abakwaNyandeni kanye nabanye. UNtshembeni okwaqanjwa ngaye isibongo wayeyind... qhubeka ufunde »

Umlando ngeqhawe lakwaMbatha , uManyosi ka Dlekezela

Umlando ngeQhawe lakwaMbatha u-Manyosi ka Dlekezela Isisho esithi ‘Sobohla Manyosi ‘ sakheka ngoManyosi uMfoka Dlekezela waseMaMbatheni. Le nsizwa yakwaMbatha yabe iyiQhawe elikhulu leZiNgonyama u-Shaka , u-Dingane kanye noMpande . Kuthiwa yayondlekile, iqatha, isukile naseGadeni ,iyinde ilaphaya. Kuthiwa le nsizwa yayidume ngokudla imbuzi iyodwa vo iyishaye iyiqede maqede yehlise ngomhluzi wayo wayo kanye nezinkanjana zamankwebevu. Kuyileso sizathu into ka Dlekezela yazimuka kakhulu, yaba nesisu esikhulu . Kuthiwa ize u-Manyosi wayeqatha ezimukile kodwa kwakuthi uma sekuliwa agxume awuzwa nhlobo umzimba wakhe owabe umkhulu, singasho nje ukuthi ubuqhawe bakhe babuthi abufane nobuka Nozishada ka Maqhoboza Nzuza kanye noMbiko ka Madlenya Masuku nabo okuthiwa babekhuluphele kodwa kwakuthi uma isinyathela awabantwana bahlabane kakhulu bagonise izitha amathumbu. U-Manyosi -ke yena wayengagcini ngokuba liQhawe kodwa wayebuye abe u-Somahlaya weziNgonyama kusukela eNgonyameni u-Shaka kuze kube seNgonyameni yakwaNodwengu u-Msimude. Kuthiwa wayededela amahlaya anzima kabi okaNdabezitha ,zihleke iziNgonyama kuze kube buhlungu izisu. Kuthiwa imfuyo yakhe yayibulala inyoka okaNdabezitha, izinkomo kungu-Chibidolo

read more

Umlando ngeNduna uMdlaka ka Ncidi Ntshangase

Umlando ngoMdlaka ka Ncidi uMdidiyeli wezimpi zeLembe. Wayebuye abe yiNduna eNkulu yaseSiklebheni. U-Mdlaka ka Ncidi Ntshangase wabe enguNdunankulu  weSilo u-Shaka, futhi engu-Mdidiyeli omkhulu wempi yeLembe. ” UKhatha-lukhulwini, Balwesabay’uZulu Onyathela ngomkhont’enhlakanhlakeni Olobola ngomkhonto kwaNxaba(kwaMsane) Zonke izizwe zambelekela UNgqombonjeni UKhatha-lukhulwini kumaNdwandwe Inkomo ebixhophile ekhathaz’uNdwandwe USigubudu semkhonto UNgwadla phangel’uMbelebele(iButho leLembe) UZagiyana zezomkhonto! UMahlatshw’ebuhleni #Ulibinda Abantu bakwaNtshangase kusengabantu bakwaZulu , bangabasende leNkosi uNdaba eSigodlweni yaseMgazini noma eGazini, omunye umuzi weNkosi uNdaba kwakuseMqekwini. INkosi uNdaba izala iNkosi u-Jama ,yona iNkosi uJama izale iNkosi uSenzangakhona uYise weLembe. UKhokho wabantu bakwaNtshangase nguShwankweni owabe engowendlu encane khona eMgazini.Inkosi uNdaba ibuye izale nabakwaBiyela, bona-ke baphuma endodaneni yayo  uXhoko . Uma kuxoxwa ngoMdlaka kufuneka sikhumbule ukuthi babebabili oMdlaka futhi bobabili babephila ngesikhathi seLembe. Omunye uMdlaka wayengowakwaLanga , wayeyiNduna yeButho uFasimba nokuyiButho elabuthwa yiLembe. UMdlaka Langa wayezalwa uSodumase , eNkandla. Sisazobuye sixoxe ngaye kabazana uMfoka Sodumase ngelinye ilanga. UMdlaka ka Ncidi wayeMdidiyeli wempi yeLembe ,nguyena owaphaka impi yaseMpondweni eyalwa ngaMampondo eNkosi

read more

Incazelo ngoMkhosiwokweshwama\uMkhosiwoselwa

UKUNYATHELA USELWA / UMKHOSI WOKWESHWAMA/INXWALA/INCWALA Lona nguMkhosi owethakaselwa kakhulu isizwe samaZulu. Uqhutshwa ngasekuqaleni konyaka ngenyanga kaMasingana (Janawali). Ngalesi sikhathi uselwa lusuke seluvuthiwe seluwulungele lomsebenzi. Ubuye waziwe ngokuthi nguMkhosi Wokweshwama ngoba ‎kusuke kweshwanywa ukudla okusha ezweni. Isizwe asivunyelwe ukuthi sidle kuqala ukudla okusha oNgangezwe lakhe engakakudli maqedane akhulule isizwe sakhe ukuba sidle. Owayeqa lomthetho adle ukudla ngaphambi kwalo Mkhosi wayejeziswa ngoba ngisho neNgonyama yayingakudli ukudla okusha ngaphambi kokuba inyatheliswe uselwa. Lo Mkhosi eSwazini waziwa ngokuthi i’Ncwala’. KwaMthwakazi loMkhosi waziwa ngokuthi ‘yiNxwala /uMkhosi weNxwala’. Amabutho eNgonyama akha amadlangala ahaqe umuzi weNgonyama ngaphambi kokuba kube yilolu suku olukhulukazi. Alala kuwo lamadlangala, avuke ebusuku kusempondozankomo ahube amahubo empi akhuze nezaga kube kuhle kube yinqaba. Uma kulungiselelwa loMkhosi iNgonyama ayilali elawini layo kodwa ilala endlini yobukhosi. Umuntu onelungelo lokungena kuba ngunina nezalukazi ezindala kanye nensila yayo. INgonyama iyabazila oNdlunkulu ngalesi sikhathi nabo futhi ababi uvanzi bagcaluze ebaleni lenxuluma njengokwejwayelekile. Uma iNgonyama ilindele loMkhosi ihlezi kulendlu

read more

Incazelo ngoQhume/uMfazothethayo uBulawu beDlozi.

Nina beNkonyane encane kaNdaba edid’imibala ,uSihlangu simagqabha sinamanxeba! Ngiyanibingelela enhla nasezansi. Lo muthi eniwubona esithombeni wuBulawu obuhle beDlozi. Ubizwa ngokuthi wuQhume, noma wuMfazothethayo. Umuthi weDlozi lona. Ukhipha elikhulu igwebu lapho uphehlwa. Kusebenza izimpande. AbaNgoma noThwasa bawukhonzile, baphalaza ngawo. Uqeda imihayizo ,ugeza igazi wenze umuntu athandeke,abe nenhlanhla futhi . Uxosha nezithunzi ezimbi kanye namaphupho amabi.  UBulawu obuhle beDlozi lobu. Bungena eGobongweni eliMhlophe lokuhlambulula iSidalwa . Ubuye ungene nakwezokuchela ekhaya ukuxosha imimoya emibi. Ubuye ungene nakwezokugquma kanye nakwezokugezela ukwakha ugazi nenhlanhla. Amasoka nawo awukhonze kabi, kwazise phela wakha ugazi nenhlanhla. Awuthaka kweziMhlophe esingabala kuzo uVelabahleke, uMtholo/uMafunazayithole, uVumakubangoma omhlophe, uZeneke ,uMadlozana neminye. Abantu babuye bawushise nangenkathi beshisa iMpepho eMsamo. Bawushisa kanye nayo iMpepho. Kukholelwa ekutheni lo muthi ufike uthethe eDlozini, umuntu ayithole ngokushesha impendulo. Ake ngime lapho nina beSilo. Khumu! *Thola ulwazi oluthe thuthu ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺

read more

Incazelo ngenyoka iNyandezulu 🖋️👇🏿

Incazelo ngenyoka iNyandezulu🖋️👇🏿 Nina bakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini🙌🏿 Yini iNyandezulu? INyandezulu yinyoka encane ngesidumbu, inombala uluhlaza ,inamabadlana amnyama entanyeni. Yiyo lena eniyibona esithombeni. NgesiLungu kuthiwa ‘iSpotted Bush Snake’ .Le nyoka akuyona iNdlondlo noma uDloko  nina beSilo . INyandezulu inyoka engenabo ubuthi,noma ilume umuntu akafi. Le nyoka ikhonze ukuvakashela abantu emakhaya, ifike izisonge othangweni, noma ingene ngaphakathi impela endlini ,ihlale ezintingweni. Le nyoka ibukeka ihlaniphile kakhulu, ihlezi igijimisa amehlo.  Ayiwasusi kakhulu kulona oyibone kuqala, iwagijimisa ilokhu ibheka ngakuye. Abantu abansundu bakholelwa ekutheni le nyoka iyinyoka yedlozi. Bakholelwa futhi ekutheni uma ike yabonakala ekhaya kusuke ukungaBantu abadala abasuke bevakashile. Ngakho-ke kudingeka ukuba uSokhaya ababembe iSiphongwana ahlabele aBaninimuzi ,aphise noKhanjana lotshwala- abonge ukuvakasha kwabo ekhaya . Abantu abangasekho (amaDlozi) babizwa ngeziNyandezulu nje kususelwa kuyo le nyoka .  Kukholelwa futhi ekutheni lona osuke eyibone kuqala le nyoka,nguyena kanye esuke ize kuye.  Ngakho-ke imbuzi ehlatshelwa le nyoka kanye notshwala obuphiswayo buqondaniswa naye lona

read more

error: Akuvumelekile lokho !!