Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoNomkhubulwana 🖋️👇🏿

Incazelo ebhalwe phansi ngoNomkhubulwana 🖋️ Lolu lwazi lucashunwe encwadini yoBaba uNxumalo noNyembezi esihloko sithi ‘iNqolobane’. Kuthiwa uNomkhubulwana wabe aziwa ngokuthi uyiNkosazana yeZulu, noma indodakazi ka Mvelinqangi, uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba.  Kuthiwa abantu basendulo, babekholelwa ekutheni uNomkhubulwana unikeza abantu izivuno ezinhle. Futhi babekholelwa ekutheni nguyena owayekwazi ukubaxhumanisa noMvelinqangi . Nguyena owabe edlulisela izicelo zabo kowaVela-kuqala. OKhokho bethu babemazisa kakhulu uNomkhubulwana, bemthwele ngeqoma , kangangok... qhubeka ufunde »

Lalela izibongo zeSilo saBathethwa, iSilo uDingiswayo ka Jobe

Lalela izibongo zeSilo saBathethwa, iSilo uDingiswayo ka Jobe 👂🏿⬇️

read more

Siluma

Indabuko yabantu bakwaSiluma⬇️ *Kuloba uKhethukuthula Melusi Siluma* Isthakazelo sakwa SILUMA Shodo Shiyabantu njenge’nyamazane amaCekwa amahle. Nibahle nezinyawo zenu nina enadla odade baboyise nathi abanamehlo abananyongo umhlehlo isibhabhakazane kanti akusiso isibhabhakazane i... qhubeka ufunde »

Lalela incazelo ngentelezi,uNtonganazibomvana👂🏿⬇️

Lalela incazelo ngentelezi, uNtongwanazibomvana 👂🏿⬇️

read more

Lalela umlando ngeqhawe lakwaMnyandu, uNongalaza ka Nondela 👂🏿⬇️

Lalela umlando ngeqhawe lakwaMnyandu, uNongalaza ka Nondela 👂🏿⬇️

read more

Lalela iziduko zakwaNyawuza

read more

Iziduko zamaQwambi 👂🏿⬇️

Lalela iziduko zamaQwambi 👂🏿⬇️

read more

UBhubhubhu,uBulawu beDlozi👂🏿⬇️

Lalela incazelo ngoBhubhubhu,uBulawu obumhlophe beDlozi👂🏿⬇️

read more

Umlando ngoMngoye ka Dingiswayo⬇️

UMngoye Ka Dingiswayo 01 Dec 2022⬇️ Umlando ngoMngoye ka Dingiswayo. UMngoye wabe engenye yamadoda eSilo saBathethwa, iSilo uDingiswayo ka Jobe ka Khayi . Ngokomlando obhalwe phansi ,ezincwadini zoStuart , Bryant nabanye kuthiwa iSilo uDingiswayo sakhothama ngo1818,ngesandla senkosi uZwide ka Langa,yaMandwandwe. Kuthiwa sakhothama singayikhombanga indodana eyabe izothabatha isikhundla sayo,uma sona sesikhotheme . Kwasuka isidididi kwelaBathethwa emuva kokukhothama kweSilo uDingiswayo, uMondisa ka Jobe wazibeka njengenkosi yaBathethwa . Esezibekile kuthiwa waqala ukusoconga izikhulu zakwaMthethwa ezabe zingahambisani nokuzibeka kwakhe . Kuthiwa wabulala eziningi impela izikhulu. Kepha naye wagcina eshonile , ebulawa yimpi yeSilo uShaka . Kuleso sidididi ,noma ngithi kulezo zinxushunxushu kuthiwa kwaba khona aBathethwa abalifulathelayo elaBathethwa . Kubalwa nenkosana yeSilo uDingiswayo,uSomveli okuthiwa waphikelela kwaSoshangane,kwaGasa ,eMuzambikwe. USomveli wazala uSitimela , owagcina ephindele kwaMthethwa ,wayozama ukuthatha ubukhosi kepha kwahlanga zemuka nomoya . Isizathu esabangela ukuthi abanye baBathethwa bathi nyomu kwelaBathethwa kwaba wukuthi emuva kokubulawa kukaMondisa ebulawa iLembe, iLembe labeka uMmbiya ka Shangana ,owabe engafanelwe ubukhosi

read more

error: Akuvumelekile lokho !!