Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngeNgqungqulu( Bateleur Eagle)

Nina abakaMkhangula jozi phansi kweTshana, ulikhangule ngoFalaza, uFalaza wathukuthela! UZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDdewabo uSililo! #ISilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina bakaMamonga woSuthu. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le nyoni eniyibona esithombeni kuthiwa yiNgqungqulu igama layo , yinyoni enamandla kakhulu lena nina beSilo ayikho inyoni engavusa umhlwenga lana, kuyileso sizathu le nyoni yaziwa ngeKing of all birds, phecelezi “iNkosi yazo zonke izinyoni” .Inamandla kakhulu le nyon... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMakhanda ka Nsele (ISinhlenhle)

Nina abakaMfaki wamajomel’ezimpophomeni , kuze kuse amajomela ebikelana nemiqhele! ISongo lensimbi lakoNdikidi! Elidl’uDambuza benoSikhombazana! USandasithebeni lo onjengeNsonyama! #ISilo uMpande leso! Enhla nasezansi ngiyibingelele yonke iNgabade kuwo womane omhlaba, ngethemba basaphila abakaSi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngaMajaji( iNkomankoma , iShabele, Pellaea calomelanos )

Nina abeNzima ewukwena koMkhumbane , khona kwena kungafakwa lunyawo! UMlungu ongaphesheya koMfula ,omunye ungasheya kukaMpehlela noMaqhwakaza! USingquma khuluma bakuzw’umoya abasezitheni nabasemakhaya! #ISilo uDingane leso ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wamashumi amabi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMthombothi (Spirostachys africana )

Nina abakaSingquma kakhulumi kanamlomo kanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza! Owamemez”amaNtungwa akwaSokhumalo kwasabela uMdleleni kwasabal”uMakhatha! UMalunguz’izindonga kad’ukuwela, Ogez”izandla zazomel”eBandla, ngokuba nhlinziyonhle emadodeni!! #I... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMhlonyane (Artemisia afra , Wild wormwood

Nina abakaMaswezisela wakithi kwaBulawayo, oswezisel’uZwide ngamagqanqula! USishayandlondlo ka Mjokwana ! UBusika nehlobo bahlukene, nobakwaNtombazi nobakwaLanga! .#ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo , ngethemba isaphila iNgabade . Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina b... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMqokolo( Appelkoosdorings, Dingane’s apricot)

Nina abeNdudumo yakithi eMgungundlovu iMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqed’amadoda! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe !#ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgaba... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoHlunguhlungu (Brachylaena elliptica )

Nina abakaHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya! IZulu elidume phezu koMuzi waseKuqobokeni laduma lazithatha izihlangu zaMaphela! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma!#ISilo uShaka leso!  Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beMv... qhubeka ufunde »

Incazelo ngenyoka iMamba

Nina abeMamba yeVuna eyathi ukuvuka yadla abakaYise , uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! #ISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo , cha , thina sisaphila eMantungweni. Esithombeni nina beSilo yinyoka en... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoManzamnyama(uMantingwe, iNtingo, uHlabu, Anemone fanninii )  

Nina abakaMgengi phez’izitha kuseHlobo , utshani bude buzokugibanisa! Nina abakaHlabahlungu bazoshumayezana , abasezitheni nabasemakhaya! UNdaba omuhle kakhulu , uNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi , kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! #ISilo uShaka leso! Nina be... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeCena( Aloe maculate, Muden Aloe)

  Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimade kwabamhlophe abeLungu!#ISilo uCetshwayo leso!  Nina abeSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi , ngethemba nisaphila kungumhla weshumi nane ... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!