Incazelo ngoMqokolo( Appelkoosdorings, Dingane’s apricot)

UMqokolo

Nina abeNdudumo yakithi eMgungundlovu iMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqed’amadoda! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe !#ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wamashumi amabili nesikhombisa kuNtulikazi(Julayi) onyakeni ka 2023. Ngethemba usaphila wonke uZulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMqokolo igama layo, izithelo zayo ziyadliwa , zimnandi , zikhonzwe ngabafana abelusayo. Le Nduku ngesiBhunu ibizwa nge- Appelkoosdorings. NgesiNgisi ibizwa ngeDingane’s apricot, noma Wild apricot. Ziningi nokho izihlahla ngezibizwa ngeWild apricot. Ibuye yaziwe ngeKei apple. Ka se Sotho bare ke Motlhono.

Wenzani uMqokolo?

Nina beSilo lo muthi uthela izithelo ezimnandi , ezithandwa izinyoni , izinyoka ,abantu kanye nezinye izilwane. Lezi zithelo zithandwa kakhulu -kakhulu iziMamba, ngakho -ke abantu kufuneka baqaphele kakhulu uma bezoyozidla. Kanti okunye futhi , iziMamba zisuke zifuna ukushaya izilwane ezincane ezisuke zidla wona uMqokolo, izilwane ezifana namagundane , izinyoni kanye nezinye. UMqokolo unameva amade acijile -ahlaba kabuhlungu, uma iva loMqokolo lihlabe umuntu uzwa ubuhlungu obumangalisayo, kanti futhi lapho elihlabe khona umuntu uvuvuka okumangalisayo kwazise leli va linesihlungu . Ngesizathu sokuthi iva loMqokolo linesihlungu , izinyanga -ke ziye zithake ameva oMqokolo emithini eyakha insizi yoMeqo, iLumbo , ziphinde ziwathake nasezibibeni zezinyoka. Kanjalo nezithelo zawo uMqokolo , izinyanga ziye zizithake ezibibeni zezinyoka. Ameva abuye angene nakwezokulwa. Izimpande zoMqokolo ziwuBulawu , ziwumuthi weDlozi, zingena eGobongweni elimhlophe. Zenza oThwasa bathandeke kwazise uMqokolo uthandwa yinhlobonhlobo yezilwane . Izimpande zibuye zingene kweziphalazela inhlanhla noBulomo, namaSoka nawo ayizithaka eNdukwini yawo emhlophe. UMqokolo kuthiwa isihlahla eseza namaNgisi, kuthiwa safika kweleMbube  ngowe 1838 okuwunyaka okwalwa ngawo iMpi yaseNcome , okuyiMpi eyabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kweSilo uDingane, kanye namaBhunu ka Andries Pretorious . Kuyileso sizathu uMqokolo waziwa ngokuthi yiDingane apricot. I-Apricot uhlobo oluthile lwesithelo esifana namaMpentshesi.

Khumu!


Niphele nina abeSela lintongande lawoBaleka elithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo