Nina abakaHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya! IZulu elidume phezu koMuzi waseKuqobokeni laduma lazithatha izihlangu zaMaphela! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma!#ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beMvayiza emashoba. Cha, sisaphila thina eMantungweni . Nina beSilo le Nduku enibonayo kuthiwa uHlunguhlungu igama layo, ibizwa nge Brachylaena elliptica ngolimi loSosayensi. Kuthiwa yiBitterleaf ngesiNgisi, noma Bitterleaved silver -oak, noma Fire sticks tree. Izinti zale Nduku kwakuphehlwa ngazo umlilo endulo.
Wenzani uHlunguhlungu ?
Nina beSilo uHlunguhlungu uBulawu obuhle beDlozi , kusebenza izimpande zawo. Ziyaphalwa bese zingena emithini ephalazela ukulungisa iDlozi, ziyangena nasemithini ephalazela ukwehlisa ulaka lweDlozi. Lona umuthi ongathakwa kakhulu nina beSilo kwazise uyashisa emphinjeni futhi ujulukisa ngendlela exakile, umuntu ujuluka abe manzi te uma ephalaza ngawo. Uma uwuthathaka kakhulu ungagcina wone yonke iNduku. Le Nduku yinhle ekukhipheni izindeda esifubeni. Le Nduku iyasetshenziswa yinoma ubani , iyasetshenziswa nangabantu phaqa abangebona abaNgoma . Nokho, ithandwa kakhulu yibona abaNgoma noThwasa, isetshenziswa kakhulu ePhehlweni. Yenza umuntu athandeke, kwazise ikhipha izindeda , phela izindenda ziyasibanga isidina kumuntu .Kanti futhi uma umuntu ephalaze ngoHlunguhlungu igazi lakhe liba lihle , uyagomeka, akaphathwa yizifo kalula. Izimpande zale Nduku uHlunguhlungu zibuiye zibe zinhle ekwelapheni iZizwe , phecelezi aMafufunyana. Ekwelapheni iZizwe , ziyaphalaza , zigeze zibuye izigqume, zisuke zithakwe neminye imithi yeZizwe. Izimpande zaleNduku ziyathakwa emithini ekipha isilwane, kahle -hle ziyintelezi, ziyangena nasentelezi echela ekhaya. . Impuphu yamacembe ka Hlunguhlungu inguMbhemiso omkhulu wekhanda, yinhle nasekwelapheni umuntu oseqala ukulahlekelwa umqonqo ngenxa yokuthwetshulwa. Iyathimulisa le mpuphu. Amacembe ale Nduku aye abilise esenziwe iSiphungo esalapha isisu segazi. Lesi Siphungo sibuye sibe sihle ekwehliseni ushukela ne nhlungwane (acid) kumuntu .
Khumu!
Niphile nina abeLembe eleqa amaLembe ngokukhalipha! UMgengi phez’izitha kusehlobo , utshani bude buzokugabanisa! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.
