Incazelo ngenyoka iMamba

Nina abeMamba yeVuna eyathi ukuvuka yadla abakaYise , uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! #ISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo , cha , thina sisaphila eMantungweni. Esithombeni nina beSilo yinyoka engicabanga ukuthi iningi lethu liyayayazi, noma like lizwe ngayo. Igama layo kuthiwa yiMamba . Lolu holokoqo lwenyoka luyingozi kakhulu nina beSilo , luyashaya . lunesihlungu esibi , uma lushaye umuntu uyashona impela uma ephuzile ukuthola usizo. Ngisho nenkomo impela iyafa. Iyizinhlobo ezimbalwa iMamba, kukhona iMamba emnyama, iMamba empofu, iMamba eluhlaza njalo njalo, neNdlondlo nayo bathi iseyingxenye yeMamba . Inde le Nyoka , inesidumbu esikhulu. Ubude bayo bungedlula obomuntu uma imile. Iyema qingqo phela iMamba uma izoshaya noma uma isithukuthele. Iyajahana futhi uma isithukuthele, ikakhulukazi uma inenxeba lokushaywa. Uma ikuleso simo akwedluli lutho lapho esuke inkanise khona, ijaha ize ijahe nezinja imbala . IMamba idume ngekhono layo lokwazi ukuvikela ikhanda layo lapho ihlaselwa . NgesiLungu isabizwa ngalo eleMamba , kuye ngombala wayo. Isidumbu sayo siyabiza impela uma sidayiswa siyawushaya uR1 500 eMona.

IMamba kwezokwelapha.

Nina beSilo kuningi okwenziwa ngeMamba , noma ngezicucu zayo . Kuya ngoMelaphi ukuthi yena uzithaka kanjani izimpande zakhe. Isidumbu sayo singena kwezeMeqo neMibhulelo. Siye sishiswe singene ezinsizini zeMeqo neMibhulelo. Intamo yeMamba neyeNkankane kuyathakwa emithini edliwa ngabantu abaphethwe izintamo , noma izinhlangothi. Kuyakhothwa kuphinde kugcatshelwe. Ikhanda yilona elithandwa kakhulu ngabantu , alisali eziNcwebeni zokuqina , kwezokugomela isibhamu, kwezezitha , kwezokusatshwa njalo njalo . IMamba yinhle kabi ekuvikeleni ikhanda layo uma ishaywa. Umzimba wonke nje weMamba uyangena kwiMibhulelo  .Kuningi okwenziwa ngeMamba ngoba ikhanda  liyangena ekubetheleni , ukugomela isibhamu , ukuqina, ukucupha , ukukhafula intombi. Lona lihle kakhulu emithini yesibhamu. Amafutha ayo ayagena nawo emithini yokucupha kanye nasezigqabeni. Ikhanda namafutha kuyangena emabhandeni okulwa, kuyangena kumaButho , kuyabethela futhi. Kuyangena futhi nakwezokuziqinisa kanye nakwezesithunzi. Ikhanda lihle kakhulu nasemibhesweni yekhanda elibuhlungu. IMamba iyangena emithini ekhothiswa umuntu oshaywe yiMamba. Ake ngime lapho nina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo.


Niphile nje!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngeKhubalo.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo