Incazelo ngeCena( Aloe maculate, Muden Aloe)

 

ICena

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimade kwabamhlophe abeLungu!#ISilo uCetshwayo leso!  Nina abeSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi , ngethemba nisaphila kungumhla weshumi nane kuNtulikazi (Julayi). Cha, thina sisaphila eMantungweni. Le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiCena igama layo , oSosayensi bayibiza nge Aloe mudenensis , le Nduku nina beSilo iwuhlobo lweNhlaba njengoba kulezi nsuku ngichaza ngeziNhlaba nje. Yona-ke yilolu hlobo lweNhlaba olubabayo impela kodwa olungababisi okweNhlaba eyejwayelekile, nokho ukubaba kwalo kungenhla kokweNkalane , iCacane ,njalo njalo . Zonke iziNhlaba zisemndenini owodwa obizwa nge Asphodelaceae, zibuye zaziwe ngama Aloe. ICena libizwa nge Kleinaalwyn ngesiBhunu. Kanti ngesiLungu libizwa nge Muden Aloe . Njengazo zonke iziNhlaba , nalo -ke iCena lingumuthi owehlisa iNhlungwane emzimbeni womuntu ,phecelezi i-Acid. Kuye kugxotshwe icembe , ebese lifakwa emanzini abandayo , ebese kuyacwengwa kahle  , kuphuzwe iNgilazi eyodwa ngosuku ukwehlisa iNhlungwane.

Lenzani iCena?

Nina beSilo iCena lisetshenziswa kakhulu yizinsizwa , zilisebenzisa ukucija nokuqinisa uBhoko lweSisu. LinguMvusankunzi kahle-hle. Kuye kugxothswe icembe lifakwe emanzini bese kucwengwa kahle , kuthelwe esikalini esiyiNgilazi kuchathe insizwa ehlushwa ubuthuntu beMbazo. ICena alinabo ubungozi , alifani neSende lenja. Amacembe eCena abuye athakwe eNdukwini ephalazela ukukhipha inyongo. ICena lihle kakhulu nasemfuyweni, ikakhulukazi ezinkukhwini. Kuye kugxosthwe icembe lifakwe amanzini aphuza izinkukhu. Liqeda inyongo nemikhuhlane ezinkukhwini. Lihle futhi nasezimbuzini noma ezinkomeni ezinyukubele ezihlushwa yinyongo , kusebenza wona amacembe. Imbiza yamacembe eCena yinhle nasekwehliseni ushukela kanye nomfutho ophezulu wegazi kubantu . Ake ngime lapho nina beSilo , ngokuzayo ngizochaza ngayo iNhlaba uqobo. ICena liyakwazi ukwehlisa inyongo , inhlungwane , ushukela kanye nokunye ngokulinxanxatha nje kuphela  bese ugwinya umhluzi .


Khumu!

Niphile nina abeKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu! #ISilo uCetshwayo leso. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande .

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo