Nina abakaMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu ! USekhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela!#ISilo uMpande leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla weshumi nane kuNtulikazi(14 Julayi) onyakeni ka 2023. Ngethemba basaphila abeSilo , cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo ungenye yeziNhlaba , lena yiyona Nhlaba encane kunazo zonke eyaziwa ngokuthi liCacane, umuthi omuhle kabi weSilumo lona. Njengoba bekade ngichaza izolo ngenkathi ngichaza ngeNkalane , zonke iziNhlaba ziwumuthi omuhle okwehlisa iNhlungwane emzimbeni womuntu , phecelezi i-Acid. Zonke iziNhlaba ziwumndeni obizwa nge Asphodelaceae, odume kakhulu ngelama Aloe. Kulo mndeni kutholakala oCena, oNkalane, oNhlaba njalo njalo. ICacane libizwa ngeAloe cooperi ngolimi loSosayensi. NgesiBhunu kuthiwa yi Lentevuurpyl. Kuthiwa yiWinter poker ngesiNgisi , noma Rooper’s red -hot poker.
Lenzani iCacane ?
Nina beSilo amakhasi eCacane nawo ayakwazi ukwehlisa iNhlungwane , uShukela kanye noMfutho wegazi kumuntu , aye agxotshwe afakwe emanzini abandayo , ebese ecwengwa kahle , kuphuzwe iNgilazi eyodwa ngosuku. ICacane liyababa kodwa hhayi kangako. Izimpande zeCacane ziye zibiliswe zibe umuthi ocathela inkinga yeSilumo , zibuye zibe yimbiza ephuzelwa inkinga afanayo. Le mbiza yinhle kakhulu nasekuhlanzeni isibeletho noma isinye esingcolile, yinhle kakhulu nakowesifazane oseFindweni , iyakwazi ukudambisa inhlungu yeFindo. Kahle -hle lona wumuthi weSilumo okwaziyo ukusebenza uwodwa ungelekelelwa muthi. Izimpande zeCacane zibuye zingene emithini yeNhlanhla , kangongokuthi abanye baze balitshale iCacane ekhaya balitshelele yona inhlanhla. Izimpande zeCacane ziyangena okhambeni lokugeza idlozi elibi , ziyangena futhi nasemithini emhlophe egeza aManzamnyama. ICacane liyagquma , liyaphalaza liyageza futhi. Amakhasi eCacane mahle nasekugomeni izinkukhu ukuma zingabanjwa yizifo, aye agxotshwe ebese efakwa emanzini aphuza izinkukhu.
Khumu!
Niphile nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila ! UGawu bazakuliluma bazakuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! #ISilo uShaka leso! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”