Nina abakaThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtamanana nangezinyembezi! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu! UHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! #ISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo . Cha, thina sisaphila eMantungweni. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa yiNkalane igama lawo , lo muthi usemndenini wemithi eyaziwa ngokuthi i-Asphodelaceae, phecelezi iziNhlaba .Lo mndeni wezihlahla waziwa kakhulu ngelama-Aloe. Kulo mndeni wemithi sithola eminye imithi efana nayo iNhlaba ebizwa ngeAloe ferox ngesiLungu, sithole yona iNkalane ebizwa ngeAloe vera ngesiLungu, sithole uMathithibala obizwa nge Aloe aristate ngesiLungu, sithole iNhlaba emhlophe ebizwa ngeFence aloe noma nge Aloe ciliaris ngesiLungu, sithole iCacane elibizwa ngeAloe cooperi ngesiLungu, sithole futhi neCena elibizwa ngeAloe maculata ngesiLungu. Amakhasi azo zonke lezi Nduku mahle kakhulu ekwehliseni iNhlungwane (acid)kanye noShukela emzimbeni womuntu. Awabiliswa amakhasi alezi ziNduku, aye agxotshwe ebese efakwa emanzini abandayo , ebese ecwengwa ngaphambi kokuba kuphuzwe iNgilazi eyodwa ngosuku. INkalane ibizwa nge Aloe arborescens ngolimi loSosayensi. Ngesibhunu ibizwa nge Kransaalwyn.
Yenzani iNkalane ?
Nina beSilo iNkalane iwumuthi omkhulu wezinduna kanye nomzimba omubi ogcwele amashashazi . Kuye kuxetshulwe ikhasi bese liyagxotshwa bese umhluzi walo uhlikihlelwa ebusweni , noma kuphi nje lapho kukhona khona izinduna . Ziyaphela ngempela izinduna ngamakhasi aleNduku iNkalane , kuyileso sizathu phela le Nduku ithakwa ezigcobweni phecelezi Body Lotions , kanti nakwiziNsipho futhi iyathakwa. Zonke iziNhlaba ziyababa nina beSilo , kodwa ukubaba kwazo akulingani , ukubaba kweCena akulingani nokweNhlaba . Futhi nokubaba kweNkalane akulingani nokweNhlaba. INkalane yinhle kakhulu ekwehliseni iNhlungwane njengazo zonke iziNhlaba , phecelezi wonke amaAloe , kuhlanganisa noMathithibala imbala.Yinhle futhi iNkalane nasekwehliseni uShukela emzimbeni womuntu. Kuye kugxotshwe amakhasi eNkalane enziwe iSiphungo esibandayo esehlisa iNhlungwane kanye noShukela emzimbeni womuntu . Lesi Siphungo sibaluleke kakhulu kithina sonke kwazise siphuza kakhulu iziphuzo ezifana noTiye amaKhofi, Energy Drinks njalo njalo-okuyiziphuzo ezinoShukela kanye neAcid eningi . Lesi Siphungo sihle kakhulu nakumuntu ophethwe yisifo sikaShukela kwazise iNhlungwane yiyona epha amandla lesi sifo. Lesi Siphungo sihle nakumuntu wesifazane oseFindweni eliza kancane, sihle futhi nasekunqamuleni umopho weFindo. Lesi Siphungo sihle futhi nakumuntu wesilisa ofuna okuvuselela imizwa yocansi kwazise siyayishaya iNhlungwane kanye noShukela . Impuphu yamakhasi onyisiwe eNkalane ingumuthi onanyekwa emanxeni omlilo . noma awokusha. INkalane ibuye ingene kwezochathela ukugeqa iqolo.
Khumu!
Niphile nina abeNhlambamasoka , iGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej’iShowe kwabhej’iNdulinde , waze kwaya kwabheja uLwandle noThukela!#ISilo uCetshwayo leso! Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV’.

Sibonge ngolwazi