Incazelo ngesihlahla soMsenge(Cussonia paniculata )

Nina abakaKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi eMaphethelweni , ngeyawo Ndlela ka Sompisi , ngeyawo Dambuza ka Ntombela! Ungabafunyanisa behlaz’endlini, uwufake entombini uwufake ensizweni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibona esithombeni kuthiwa uMsenge igama layo. NgokoLimi loSosayensi uMsenge ubizwa nge Cussonia paniculata . NgesiNgisi ubizwa nge Mountain Cabbage Tree. NgesiBhunu ubizwa nge Bergkiepersol. Lesi sihlahla sibaluleke kakhulu kwaboHlanga, noma ngithi sasibaluleke kakhulu. Endulo kwakucelwa ngaso imvula . Kuthiwa kwakuthi nxa lomisile izulu kugawulwe amagatsha namacembe oMsenge , kuyiwe nawo eSiphethwini soMfula, afakwe emanzini aleso Siphethu. Okunye okubalulekile ngalesi sihlahla soMsenge wukuthi lesi sihlahla sithandwa ngaMacimbi, ikakhulukazi le nhlobo yaMacambi ebizwa ngoSithebe. OSithebe yibona kanye laba ababizwa ngaMasontsha lena eLimpompo.

Yini enye eyenziwa uMsenge?

Nina beSilo uMsenge ubaluleke kakhulu esizweni esinsundu. Kuthiwa endulo bekuthi uma kuhlasele inkemane bekudliwa izimpande zoMsenge kwazise zimnandi futhi zinamanzi amaningi .Kanti nabaThwa bazithanda kabi izimpande zoMsenge , badla zon auma sebomele amanzi, kwazise bachitha isikhathi sabo endle bezingela . AbaThwa basekhona namanje futhi basaphila yona impilo yasendulo yokuzingela.  Ezinye izihlahla ezaziba wusizo uma kunendlala uVimbukhalo noBhoqo, kuzona kwakugaywa izigaxa zibe umcaba owawudliwa namasi. Iziqu zoMsenge zingena emithini yesifo sesithuthwane , isifo sokudlikiza. Izimpande ziyangena emithini wokuphehla izulu uma kukhona isomiso. Impande yoMsenge yinhle kakhulu kubantu abangayidli inyama, iyangena emithini eyenza umuntu ongayidli inyama aqale ayidle inyama. Abantu abangayidli inyama phecelezi ama-Vegetarians . Iziqu zoMsenge ezitholakala phezu kwawo zinhle kakhulu ekususeni umuntu osashona , ohlupha abasaphila, iqungwa. Izimpande zoMsenge ziyintelezi okugezwa ngayo abantwana abazelwe, le ntelezi iqinisa umzimba , yenze negazi libe lihle. Iziqu zoMsenge ziyangena eNdukwini ephalazela ukukhipha izindeda nenyongo. Iziqu zoMsenge ziphinde zingene emithini echathela ukukhipha yona inyongo .

Khumu!!

Niphile nina abakaCala lathethwa ngoMkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani?#ISilo uDinuzulu leso.  Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo