UMklele,uMkele( Ehretia rigida)

Nina abeNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba! UKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni! #Inkosi uMalandela leyo! Enhla nasezansi ngiyibingelele iNgabade . Le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMklele igama layo , kwezinye izindawo ibizwa ngoMkele. NgesiSasayensi kuthiwa yi- Ehretia rigida. AmaBhunu ayibiza nge Deurmekaarbos. NgesiNgisi kuthiwa yi- Puzzle Bush . Lena eVenda ibizwa nge Mutepe. Ka se Tswana  bare ke  Morobe. Ka se Sotho sa ko Qwaqwa phecelezi Southern Sotho bare ke Moroba. Lena kwaXhosa le Nduku yaziwa kakhulu ngelo Mbotshane. ISwazi loMklele luqinile, alwephuki kalula.

Wenzani na uMklele?

Nina beSilo lesi sihlahla sithandwa zinyoni , zonke nje izinhlobo zezinyoni . Ngaphandle kwezinyoni ezinkulu -asikho isidleke senyoni ongeke osithole lana ngisho neseJuba imbala. Lesi sihlahla sithandwa kakhulu -kakhulu ngamaHlokohloko nina beSilo . Abantu abansundu basibenzisa kakhulu lesi sihlahla. Uma uhlushwa yingane esencane , elala ikhala ebusuku ngenxa yomoya ababi -thatha izinduku esezomile  zoMklele ,zona lezi ezilengayo uzigqule bese impuphu yazo ushunqisele ingane ngokuyishisa  oDengezini kusihlwa uma sekuzogotshwa izinkophe , ngeke iphinde ikhale futhi ingane yakho . Le Nduku ibuye ibe yinhle uma ungumuntu wesiMame onoSana oluncane , futhi uzothatha uhambo olunde . Phatha indukwana noma ngithi uthana nje oluncane lwaleNduku, uma kwenzeka uSana lwakho lukhale eTekisini ngenxa yezintelezi zabantu, thatha leyo ndukwana oyiphethe uyihlafune bese lokho okuhlafunile ukukhwifele kancane okhakhayini noma esiphongweni soSana.Izothula ingane yakho. Izimpande zoMklele ziyangena eNdukwini ephalazela ukuxosha imimoya kanye namaphupho amabi. Izinduku zoMklele ziyangena eNdukwini yokubethela izulu. Lesi isihlahla esifana noMnqandane , asishaywa nhlobo uMphezulu. Impuphu yamaxolo ezimpande zoMklele yinhle emanxebeni nasezilondeni ezigubhekayo , noma ezivuza amanzi. Iyazishisa izilonda zome nkwe . Izimpande zaleNduku uMklele kuye kuchelwe ngazo iNqina uma iyozingela ukuvika uMphezulu kwazise lesi sihlahla asithintwa uNyazi. Izinduku zoMklele zinhle ekushunqiseleni uSana oluzelwe ukuvika imimoya emibi. Izidleke zezinyoni ezinamaPhuphu ngaphakathi  ezitholakala esihlahleni soMklele izigangi ziye zakhe ngazo aBalozi bokuzakhela. Abhule impela umuntu ashaye emhlolweni. Kuningi okwenziwa uMklele , uyangena nakwezamacala. Uyangena futhi nakwezeNhlanhla, uyangena nakwezokwelapha uhlangothi olugulayo. Uyangena nakwezeNhlanhla.


Khumu!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande. Niphile nina abakaMamonga woSuthu , uMamonga akabulali uyasizila!

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo