Incazelo ngoVendle( Pelargonium luridum ,Starburst  Pelargonium)

UVendle

 

Nina abeSilo esiMaduna sakokaTshana esikhangele abantu baduka noLwandle! Nanamuhla lokhu basadukile! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! #ISilo uCetshwayo ka Mpande leso , iMbube eshoba liyisilikithi! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo kungumhla wesithupha kuNtulikazi(Julayi) onyakeni ka 2023. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uVendle igama layo , iNduku yamaSoka lena nina beSilo, nokho ibuye ibe yintelezi ebuye ingene nakwezinye izindawo. Akulona uBendle lolu, uBendle luwutshani. Nina beSilo ibuye ibe iMfino edliwayo okuthiwa inomsoco omuhle njengeMfino yezintanga. Bathi umuntu odla iMfino yale Nduku uphila eside isikhathi. Kuye kushiwo kanjalo naseMbuyeni , baye bathi uma udla iMbuya ugwema inyama uphila eside isikhathi. Asazi noma baqinisile yini. UVendle luwumuthi omkhulu wamaSoka, aluthwele ngeQoma amaSoka. Lubuye lukhohlakale uVendle njengoDumbasibumbu, abantu babuye balusebenzise ezindaweni eziqosheme. OSosayensi balubiza nge Pelargonium luridum, neShaqa nalo libizwa ngalo lelo gama . AmaNgisi alubiza nge Starburst Pelaegonium, noma Waving Pelargonium, noma Stalk-Flowered Pelargonium. AmaBhunu wona alubiza Wildmalva, noma Rabassam. Kanti aboHlanga babuye balubize ngoNyawo loNwabu ngenxa yamacembe alo avamise ukumisa okunyawo loNwabu.

Lwenzani uVendle?

Nina beSilo lena yiNduku yamaSoka njengoba besingishilo, kodwa izimpande zalo, zona kanye ezisetshenziswa ngamaSoka, zibuye zelaphe iSisu sohudo. Ziye zibiliswe , kwenziwe iSiphungo esiyophungwa umuntu oxakwe uHudo. Zona futhi izimpande amaSoka abuye azithake eNdukwini yawo yoBusoka , iNduku ebandakanya imithi efana noFoshela , uMusa , uBhubhubhu kanye neminye. Lena yiNduku amaSoka aphalaza ngayo. AmaSoka abuye awuthake uVendle ezikhafulweni zawo zokukhafula intombi. Awuhasha ngokuthi “UVendle akavilaphi , iSandla soNwabu esibamba singadedeli.” Kanti uVendle nina beSilo uyathakwa eNdukwini yokulanda isithandwa. AmaSoka nina beSilo abuye agange ngoVendle, abuye akhe ngawo iSikhahlamezi. Ayawuthaka emithini  akha  ngawo iSikhahlamezi. ISikhahlamezi nina beSilo yiNduku ekhohlakele esetshenziswa ngamaSoka akhohlakele , ayisebenzisela ukudonsela umuntu wesifazane ocansini. KwiSikhahlamezi kuye kuthakwe imithi efana noDumbasibumbu,uVendle,  uNginakile, uZeneke,uZekani, kanye neminye imithi. Le mithi ibe isixutshwa namafutha eMvubu yensikazi engakagugi, engaphansi kweminyaka eyisikhombisa , awasebenzi amafutha eMvubu esiyiSalukazi. ISikhahlamezi nina beSilo sithakelwa lena kude nemizi hhayi eduze nasekhaya, kahle -hle asingeni ekhaya ngoba kungasuke konakele ikakhulukazi uma kukhona izingane zamantombazane ekhaya  , noma abantu besifazane. ISikhahlamezi umuthi okhohlakele ,osetshenziswa ngabantu besilisa ukuhehela abantu basifazane ocansini bebe bengathandani nabo. Lo muthi nina beSilo uye ugcotshwe yinsizwa esandleni ezothinta ngaso noma ngumuphi umuntu wesifazane -leyo nsizwa esuke ifuna noma ilangazelela ukuya naye eKamelweni. Le Nduku nina beSilo uma ithakwe kahle , umuntu wesilisa osuke eyisebenzisile uyakwazi ukulala nanoma iyiphi intombi ,ngisho nezintombi eziganile imbala. UVendle nina beSilo lumandla kakhulu kangangokuthi luyakwazi nokugiya lulodwa vo, ikakhulukazi uma iSoka lizoyishutheka  impanjana yoVendle ngaphansi kolimi uma lizoyokhuluma nentombi, intombi isheshe iqome futhi ayenqabi uma iSoka lithi intombi ayiyolala kulo. Ithamba kakhulu intombi ngoVendle. UVendle nina beSilo lubuye lube yintelezi, luyangena kwezamacala , luyangena eMabhandeni okulwa. UVendle nina beSilo luyangena eZigqabweni zenhlanhla, luyangena futhi eNdukwini ephalazela inhlanhla. UVendle luyangena kwezokudonsa uMnotho.


Khumu!!

Niphile nina beSilo sakithi kwaNodwengu , uMsimude owavela ngeSiluba phakathi kwamaNgisi namaQadase! USikhaphukhaphu singamanzi oMkhuze, uMkhuze siwuwele siwukhaphuza! UMfaki waMajomela eziMpophomeni kuze kuse aMajomela ebikelana neMiqhele! #ISilo uMpande leso!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo