UDelunina ( Xysmalobium involucratum)

Nina abakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? UNongqayiza bayakuthibela uthitshelwe nguMalimade kwabamhlophe abeLungu! UThitshelwe ngamaSotsha naMagumgedlela! UMgwazi akaqaqi uqaqelwa zinyoni! #ISilo uDinuzulu leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beMbube eshoba liyisilikithi. Cha, thina sisaphila eMantungweni kungumhla wesikhombisa kuNtulikazi(7 Julayi) onyakeni ka 2023. Nina beSilo eniwubonayo kuthiwa uDelunina igama lawo. Umuthi oyiSiphephetho esisetshenziswa kakhulu ngamaSoka lona. OSosayensi bawubiza nge Xysmalobium involucratum . NgesiNgisi ubizwa nge Scented xysmalobium. Kanti amaBhunu wona awubiza nge Hongersnoodwortel,noma Hongersnoodbossie,noma  Melkbossie . Lo muthi nina beSilo ubuye waziwe ngelika Dambisomkhulu.

Wenzani na uDelunina?

Nina beSilo njengoba besengishilo , lo muthi uyiSiphephetho esisetshenziswa ngamaSoka. Uye uthakwe neminye nokho imithi efana noNzukela , uVendle, uNginakile , uVelangemoyeni kanye neminye imithi . Le Nduku nina beSilo ihamba phambili kwezokubuyisa isithandwa , iye ithakwe nezinye iziNduku. Ibuye ingene nakwezeNtando , Isetshenziswa yibona bobuli ubulili. Nina beSilo ngale Nduku intombi iyamdela unina njengoba negama lizisho , ilidube ikhaya iye eSokweni , kanjalo nakwiSoka, nalo liyabadela abakubo liyogana kubo kwentombi kuhle kwentombi. Le Nduku iyangena nakwiSibambelelo,isietshenziswa kakhulu ngabantu besifazane uma befuna ukulungisa aBayeni babo. AmaSoka yiwona ayisebenzisa kakhulu le Nduku, ayisebenzisa ngeziNdlela ezihlukene, ayisebenzisa kakhulu eziPhephethweni, nokho abuye ageze , aphalaze aphinde agqume ngawo uma ezoyokweshela . Kule Nduku nina beSilo kusebenza impande. Kanti futhi le mpande ibuye ibiliswe kwenziwe ngayo iSiphungo sokuhlanza iSibeletho esingcolile, noma iSinye esingcolile. Lesi Siphungo sikhipha konke okungcolile ngaphakathi , sikukhiphe ngokushobingisa umshobingo onephunga elingelihle. Lesi Siphungo sihle kakhulu kowesifazane okhathazwa yiDischarge .


Khumu!

Niphile nina bakaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abeZindlu nabeZindlwana abeZindlu bayikhexa imilomo! . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo