Nina aboGasane lukaNdaba olugasele uPhungashe wakwaButhelezi lwagasela uSondaba woMthanda ehlezi eBandla! UNgelengele akalingani nantaba ,ngoba umkhulu kakhulu , ungangezwelakhe, ungangoMpehlela noMaqhwakazi! #ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo ibizwa ngeKhakhasi ngesiZulu. Le Nduku nina beMbube ivamise ukumila ngasemfuleni , noma endaweni lapho abantu belahla khona izibi kanye nokunye nje ukungcolile okuhlanganisa namanzi abasuke begeze ngawo. Inameva le Nduku, ayahlaba, alapho ngasemacembeni ayo. Uma ukha ikhasi layo kuphuma amanzi aphuzi (yellow). NgesiNdebele ibizwa ngokuthi uMthwentwe. Le Nduku ibizwa nge Poppy mexicana ngoLimi loSosayensi
Lenzani nina iKhakhasi?
Nina beSilo le Nduku ingumuthi omuhle wamehlo, amehlo abuhlungu aveza nemithambo ebomvu. Amehlo abuhlungu kangangokuthi aze akhale nezinyembezi . Kusebenza amacembe ekwelapheni amehlo. Aye akhiwe impela abe maningi , bese eyagxotshwa ……. Agxotshwa esemasha impela ngalo lolo suku asuke ekhiwe ngalo ukuze kuphume inkovu yawo eyellow, ikhanyelwe esitsheni esihle esihlanzekile, icwengisiswe kahle kuphume yonke into engadingeki, kusale yona inkovu. Leyo nkovu-ke yiyona kanye econsiselwa ehlweni noma emehlweni abuhlungu. Le Nduku nina beSilo ibuye idambise inhlungu yoMdlavuza weSibeletho . Kuye kuphekwe sonke isithombo sayo , amakhasi kanye nezimpande , kwenziwe iSiphungo esiyophungwa umuntu ohlushwa uMdlavuza weSibeletho. Sona kanye lesi Siphungo sibuye sidambise noMfutho ophakeme wegazi phecelezi High Blood Pressure, okuyinkinga eyaziwa kakhulu ngele Hhayihhayi. Sona kanye lesi Siphungo sibuye sehlise noshukela emuntwini. Sona kanye lesi Siphungo sibuye sishise nezilonda emaphashini , ezibindini esibelethweni kanye nakuzo zonke izindawo zangaphakathi. Isithombo sale Nduku le siye sigxotshwe , bese siyenekwa size some , uma sesomile siye sishiswe kwenziwe insizi eyonanyelwa ezilondeni nasemanxebeni avulekile, le nsizi iyasebenza nasezilwaneni.
Khumu!!
Niphile nina abakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni !#INkosi uMalandela leyo! Vakshela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe xaxa ngempande.

Mina ngihlezi ngisikhipha ngibona ukhula egcekeni kanti umuthi obaluleke kangaka.
Ngicela ukubuza ngabe ikhakhasi yinto yinye no Bani lolu olubekwa otshwaleni Uma kuduma na? Ngiyabonga