Incazelo ngoDlulabehlezi( Begonia dregei )

Nina abakaSimayedwa onjengeLanga lona limi lodwa eZulwini! ISikhukhulane sika Ndaba esikhukhule oMame sabatshatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! UTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! #ISilo uMpande leso ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo, cha , sisaphila thina kwaSokhumalo. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uDlulabehlezi igama layo , yiNtelezi enkulu yezitha lena. Ngale Nduku izitha sizedlula zihlezi, ziphaphama sesedlulile. Le Nduku ibuye yaziwe kakhulu ngeDlula. NgesiSayensi ibizwa nge Begonia dregei . AmaBhunu ayibiza nge Wildebegonia. NgesiNgisi ibizwa nge Dwarf wild begonia, noma nge Maple-leaved begonia, noma nge Wild begonia.

Wenzani uDlulabehlezi?

Nina beSilo njengengoba besengishilo,le Nduku iyintelezi enkulu yezitha, ngale Nduku izitha zethuka sesidlulile . Ngale Nduku sibuye sivike namaPhoyisa , ngale Nduku sivika nezikaDalwana, ziphaphama sesikude kakhulu . Asigcini lapho , sibuye sidle umhlanganiso ecaleni laseNkantolo ngale Nduku, iMantshi ivele ive nomusa kithina isethwale ngeQoma. Ngale Nduku nina beSilo iHearing asiyiboni nkuthi iyini. Kule Nduku nina beSilo kusebenza isigaxa, sithakwa  nezinye iziNduku. Nina beSilo le Nduku ibuye ingene nakwezokuqeda umkhokha wokushona kwabantu ekhaya  ngendlela engaqondakali’. Le Nduku siyayiphatha futhi uma sizohamba ibanga elide ,siyiphathe emotweni siyiphathele ukuvika amaPhoyisa kanye nemimoya emibi yabantu abashona bangabe besalandwa. Ngale Nduku sivika yonke into embi ekhandwe ngomuthi. Asigcini lapho , sibuye sixegise nedliso ngale Nduku. Kule Nduku nina beSilo kusebenza isigaxa. Isigaxa sale yisona esiba yintelezi , kanti sibuye siphekwe futhi sibe yiSiphungo esixegisa idliso. Isigaxa sale Nduku sibuye singene nasezimbizeni zezifo ezisanganisayo. Sibuye sichathele iqolo elibuhlungu. Siyangena nasemithini ephalazela ukuxosha imimoya emibi.


Khumu!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi. Niphile nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngedlebe yadabula yaqeda amadoda! #ISilo uDingane leso!

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo